10 IPHUPHO LENKOSI

A b a d la li:

Umxoxi UNandi Mdlaka Nzobo Sozabile Nomkhosi

Ibika Umsakazi - umemezeta ngomdlalo Ibika - liphume

Umxoxi: Ngalezi zinsuku isizwe sakwaZulu sabe sesiphumile ekuzileleni iNdlovukazi uNandi, okaNjomane. Abantu babephuma osizini lokuzila olwesabekayo. Baze bakhishwa nguGala kaNodade kaBiyela owazidela amathambo wayokweluleka iNkosi uShaka ukuthi mayiginye itshe ngoba abantu nxa beta bephela wukuzila uyobusa baphi na? Phakathi kombuso owabuya abantu badla ngoludala, izintombi nezinsizwa nazo zaqala ukukhululeka njengale nsizwa ehlolile nentombi yayo. Umfula uyahuba:kukhala izinyoni zasendle Sozabile: Hawu, Nomkhosi, mntakwethu, kwaze kwaphola lapha ngaphansi kwale mithi osebeni lomfula uMkhuze. Kukhala nezinyoni kwasengathithi zishaya ihlombe ngalokhu kukhala kwazo, elisho ukuthi halala, kuhlangene izihlangani. N omkhosi: Hawu, mntakwethu, futhi mina beje ngilahle ithemba lokuthi ngisayophinda ngikubone ngeso emhlabeni phansi komthunzi welanga. Hawu, wami! Unele wangitshela nje uNtombilezi, udadewethu omncane, ukuthi nakhu wedlula ngezansi komuzi wakithi, uqonda ngapha ngasemfuleni ngathi galo yephuka, ngachitha amanzi kwasengathithi ngizokha, amanzi aphelile ezimbizeni ekhaya kanti ngithi mangizokubona, Mnguni wami, ngingasakwazi. Sozabile: Ngiyawabonga kakhulu lawo magama akho, mntakwethu, ngoba kimi anambitheka njengoju Iwezinyosi zehlanze. Nami bese ngithalaza nje ngingazi nanokuthi uyaphila nanokuthi awuzukubulawa yini yindlala yokuzilela iNdlovukazi.

100 Nanokuthi siyabonana namuhla sibonga uGala kaNodade okunguyena osilamulele kulolu sizi lokuzila. Nokho-ke selidume ladlula. Kodwa kawusho, usangiphilela nje, mntakwethu? N omkhosi: Hawu, uyangibuza khona ukungibuza, Mnguni wami? Kuzisho khona. Ngikuphilela ngokuphelele kusuka phansi ozwanini lonyawo Iwami kuze kuyofika phezulu okhakhayini ekhanda lami. Ngingowakho njalo nje. Sozabile: Awu, awu mntakwethu, wakhuluma kamnandi kangaka! Lunjani uthotho Iwamazinyo engikwazi uhleka ngawo, hi? N omkhosi: Musa ukungikitaza, Mnguni wami .... Bahleke bobabili bedlala Kukhala izinkomo nezinja zikhonkotha Shaka: (Uyakhwehlela bayamthuthukisa) Mdlaka: Baba, Sibagojela ngale kwezintaba kanti kunjalo nje ludia amadoda! Ndabezitha, Nkosi yohlanga! N zobo: Yebo, Baba, Nkosi enkulu kaZulu. Sizwe sishayeka, Nkosi, nxashana uhlezi wedwana lapha ngaphansi komuthi. Sithi Ndabezitha lokhu selidume ladlula, Nkosi, ngabe iNkosi yami ikhathazwa yini emoyeni na? Shaka: Yebo, zikhulu zami zezwe lakwaZulu. Ningamadoda emadodeni ngoba kanifuni kuthi shalu phambi kwenu utho ningaluboni ukuthi lutho luni. Hawu, lapha zikhulu zamaZulu ngiyacabanga. Kukhona okungivelele lapha. Mdlaka: Hawu, Nkosi yohlanga, ngabe yini? Kwenzenjani lokhu phela, Nkosi, konke okuthinta wena, Nkosi, kuthinta thina sonke sizwe samaZulu? N zobo: Kunjalo Ndabezitha. Thina kasifuni nokuba uhlalwe yimpukane lena engasho lutho. Kazi ngabe yini, Nkosi! Shaka: Zinduna zami, ngiphuphe iphupho elingimangalisayo lapha. Namanje nje ngisadinga nje ukuthi ngabe leli phupho elinjena lichaza ukuthini. Ngiphuphe ngibona iNdlovukazi, okaNjomane Iona osanda kukhothama. Bekusebusuku ... Imisindo yasebusuku Shaka: Hawu, Marne, uqhamukaphi? Ngizawuthini kodwa? Marne abantu bonke sebekhale kwaze koma izinyembezi - hawu Marne! Nandi: Shaka, mntanami, ngibonile usizi oselwehlele abantu ngenxa yokukhothama kwami. Nami umoya wami ubuhlungu kakhulu. Shaka: Wakhuluma ngokuthi ukhotheme? Kanti wena ungubani manje? Angithi ungokaNjomane. Nandi: Yebo Shaka, mntanami; nginguye okaNjomane unyoko. Kepha ngithe mangivele kuwe ngoba ngenxa yosizi Iwabantu bezila befa bengikhalela, nakimi inhliziyo yami isilusizi. Shaka: Hawu, wena kaNjomane, ngizwa ngingumuntu ogulayo ngenxa

101 yobulukhuni obukhulu engihlangabezane nabo ngesikhathi sokudlula kwakho emhlabeni. Angazi ukuthi ngabe ngenzeni ngoba nxa ngikubuka ngibona ukuthi amehlo akho avutha umlilo wolaka kimina. Nandi: Kwenza ngoba unembeza wakho ulwa nawe Shaka, mntanami. Umuntu ephila edla amabele uyamgodusa aye kwagoqanyawo ngeziphosiso ezincane. Ngilinganise, umuntu angeke yini adliwa zinyoni zezulu ngoba nje ahluleke ukukhasa phansi kwakho kuhle kwenja ekhaciwe na? Hawu, Shaka, kawuboni ngani ukuthi kamuva nje usunyamana mbama kwabanye abantu bakho. Ngiyazi mina ukuthi kwake kwaba khona isikhathi esedlule lapho wawungumuntu omkhulu phakathi kwesizwe sakho samaZulu. Manje abantu abaningi sebethanda ukukudumisa ngonya, kanti kawuboni yini wena? Bona abafowenu uthi basakuthanda nje njengakuqala lapho babehlatshwa umxhwele ubuqhawe bakho? Angisakholwa, mntanami. Shaka: Yebo, wena kaNjomane, ngiyakuzwa. Kepha ukukhala kwezinkomo kakufani, Marne. Abantu abangenavalo angeke baba ngabantu abathobele umthetho wezwe kahle. Ukujezisela amaphutha amancane kakhulu kudala ukuba besabe ukwenza amaphutha ngisho namakhulu, Marne. Ukuhlale besaba besovalweni kudala ukuba bangawenzi mpelampela amaphutha ngoba uma bezohlala nje bengazi nanyaka bangazenzela ngokuthanda. Siyeza isikhathi lapho beyobumbana kuhle kwegade lebumba babe yisizwe esihloniphekile. Futhi-ke amaZulu isizwe esiqukethe izizwe ezahlukeneyo okungathi uma umholi engaqini siqhube ngamasiko ehlukene, ubunye bungabi bikho. N andi: Isandla sakho sizokhula mntanami, Shaka, siqine kubantu, bakuzonde ube yisitha phakathi kwabo uma uqhuba ngale ndlela. Uyobona ukuthi esikhathini esifushane esizayo abantu sebekuzondisa okwenyoka, uyodinga ukuhamba nezinceku zakho zihlomile impikanamalanga ukuze kuvikeleke umphefumulo wakho. Kuyoba kuhle yini lokho na? Shaka: Hawu, Marne, ukhuluma iphutha. Mina angeke ngidinge ukulo ngaluswa ngamanye amadoda ngalolo hlobo engathithi mina kanginamandla okuzivikela ezitheni zami. Futhi-ke, Marne, ngiyaneliswa ukuthi abaphansi basolokhu bengibhekile njengethole labo. Ngisho umuntu angacabanga okubi ngami, mhlayimbeni azidele amathambo athi uzongigila umkhutshana wakhe ongayi ngandlela, kusuke kwenzeke izimangaliso. Kujike kungene amanzi emadolweni kuye ashaywe uvalo agongobale, uyazibona usegaqa phansi phambi kwami, usekhonza ekhuleka engidumisa. Ujike abe yize leze nomcabango wakhe ukhoshobaliswe uvalo oludalwa yisithunzi abaphansi abanginika sona phezu kwezwe lami. Abantu bami bamaZulu kayikho enye into abayaziyo ngaphandle kwami. Bangazi ngiwubhaqa phambi kwabo abadinga ukululandela bazi iNkosi 102 yabo, mina Shaka kuphela ngisho naphansi ezinzulwini ezingaziwa muntu zomhlaba, ngisho naphezulu ekusithekeni kwamafu, bazi uShaka kuphela, Mame. N andi: Ukukhuluma kwakho nokubuka kwakho, Shaka, kuyangimangalisa futhi kangazi kanti, mntanami, ukuthi ubuye ubuyele phansi ucabangise okwengane yini. Zolo lokhu uBaba uMbiya wathi eseyalela eya kwagoqanyawo wakuyala wakudonsa ngezindlebe ukubani ugawule ubheka ngoba amandla okubusa phezu kwabantu ayadaka, afana notshwala bamaganu. Uma usuphatha abantu bakaPhunga noMageba ngesandla esinendluzula uthi uBaba uMbiya lapho ebuka khona ngesikhadlana ongasazi, uthini? Shaka: Kwawena Mame, uzokhumbula ukuthi mina kayikho into engake ngayenza nje ngizenzela ngaphandle kwesizathu. Ngiyindoda enamehlo abukhali athi nxashana ebuka abuke kude. Ngithi nxa ngiphumela phandle ngithi ‘Hawu zandiza izinyoni zezulu amanqe, izinyoni zeNkosi yamaZulu uShaka, zifile yindlala' kusuke kungakhulumi mina ngomlomo nezindebe kuphela okusuke kunyakaza, okuyikhona kuyikhona kusuke kukhuluma abaphansi amadlozi, enziwa yini na? Asuke enziwa ukubona laba abalele izibatha zikaxamu, belalele umnethezeko wesizwe samaZulu. Uma izanusi zami nezinyanya sezibanuke zabanekela ilanga babonwa yinoma ubani, ngiyabajezisa, kuthi nababukayo phakathi kwesizwe sami samaZulu bangenwe yingebhe bangathandi bona ukuba benze isono nephutha elingase lidale ukuba babe ngukudla kwezinyoni zeZulu. Nandi: Hawu, yeka imiyalo kaBaba uMbiya kuwe, Shaka, mntanami! UBaba uMbiya wakuyala wathi ubogawula ubheka nxa sekufike isikhathi lapho uyinkunzi wedwana esibayeni esikhulu sombuso wakwaZulu. Wathi ngoba uma ungaqapheli umbuso uyokubhensisa, izwe likuzonde ube yisitha salo esikhundleni sokuba yiNkosi yalo. Ngisho ngoba uma izwe lizobuswa yizangoma nezinyanga zezwe uzophetha ngokubulala abantu bakho abakholekile kuwe. Igama lakho lizothunazeka nasezizweni ezibukayo, Shaka, mfana wami. Shaka: Nokho-ke, wena kaNjomane, ngibonga ukungihambela kwakho. Nandi: Ungaqale ubonge, mfana wami, Shaka. Engathi wena nxa ngikuhambela ngizokubonisa engikubukayo ngamehlo omoya kepha wena uqinise intamo. Engathi ngikhuluma nje kukhona abafowenu oDingane noMhlangana, uthi nxa bebuka abantu beya ngokuya bekuzonda bazofikelwa yini emicabangweni yabo? Shaka: Wena kaNjomane, wakhuluma amagama ahlabayo kimina. Kanti ngenzeni? Ngihole phela wena kaNjomane wena obuka konke kubonakale njengoba kunjalo. Abakababa kanti bona bangase bangenzenjani wena kaNjomane? Nandi: Thula, Shaka, mntanami, ngiqede. Ngithe kodwa uyabona ukuthi bazofikelwa micabango mini nxa abantu bakho beya ngokuya bekuzonda na? Bazofikelwa imicabango yokuthi sekuyisikhathi sokuba bahlwithe umbuso

103 ezandleni zakho. Ziningi-ke izindlela zokuhlwitha umbuso enkosini ebusayo. Shaka: Hawu, wena kaNjomane, usuthini manje? Ukhuluma ngokuba enye insizwa ingamuke ithambo? Ngiyisimaku yona ilichalaha! Singake sibambe imikhonto siphumele eshashalazini kubonakale ukuthi ukhona yini umuntu ohamba ngezinyawo ezimbili kuleli ongaba yichalaha mina ngibe yisimaku ngamukwe ithambo lombuso wami ngalolu hlobo. Nandi: Yehheni we bantu, nango uShaka ekhulumisa okwengane encane ebhibha amathe. Kanti uyoze uphumele naye eshashalazini kanti uyokuphonsela inselelo yini? Kawuyazi yini inyoka ethukuza esikhotheni? Ukuze imnqobe umuntu ishaya kuqala imzume engazelele. Nabo-ke labo bayazi ukuthi bayobe bengamasela ukuzokweba umbuso wakho. Bayogadla ungazelele bathi bangagadla izwe libavune ngoba usandla silukhuni kubantu bakho. Shaka: Bala, wena kaNjomane. Kuyezwakala isibili futhi kucacile okushoyo. Ngizodlinza ngezeluleko onginike zona. Ngibonga kakhulu, wena kaNjomane, ukuba ungihambele. Uze ungakhohlwa nangomuso ukubani ungihambele ... N andi: Shaka ...gawula ubheka ...Shaka ...gawula ubheka ... Umxoxi: Yebo - iNkosi uShaka wayixoxa kanjalo yonke indaba yephupho lakhe ebusuku lapho ebonana neNdlovukazi uNandi kaNjomane ongasekho. Wayefike ukuzomvezela ukuthi kukhona umoyana wezikhova owawusuqala ukuthukuza kancane phakathi kwabantu bakwaZulu, kakhulukazi phakathi kukaDingane noMhlangana. Izinduna zakhe uShaka, oMdlaka benoNzobo babamba ongezansi. Izinkomo Mdlaka: Hawu, Ndabezitha, Nkosi yensizwa uMaphikelela, isibili abaphansi bayakuthanda bonke, Nkosi, ngoba kuyakhanya ukuthi kanti kuthe ngoba iNdlovukazi yona isanda kufika kwagoqanyawo bayithuma ukubani ugawule ubheka. Shaka: Ngiyalibona nami lelo, Mdlaka, ngoba kuthe iNdlovukazi isingishiya isinyamalala ngashaywa uvalo kakhulu ngibona ukuthi kanti ngase kube kukhona izinyoka yini phansi kwami ezithukuza otshanini na. Nzobo: Hawu, Nkosi yami Shaka, ngikuthanda ngikwazisa kakhulu kangaka Nkosi! Iqhawe elingabonaze libonwe ezweni kepha abantu esikhundleni sokuba babonge isehlo esiyinhlanhla engaka beneNkosi yangoqobo kepha balibale ukuthanda ukuba babe zinyoka Nkosi. Angikhulumi-ke nje ngalabo abangase bathande ukuhlala esigqikini sobukhosi bakho, Nkosi, angazi ukuthi izwe lingathini ngoba okokuqala nje, Nkosi, ngamavaka odwa, kakho ofana neNkosi yami uShaka. Amabutho ecula:kuzwakala nabesifazane Mdlaka: Hawu, Nkosi enkulu kaZulu, abantu bakho babuthana kakhulu kangaka sengathi ibutho lezintombi nezinsizwa Nkosi ngoba wena ucabanga ujule udephe 104 ufike lapho kungafiki khona muntu; ngabe kwenzenjani, Ndabezitha? Shaka: Zinduna zami, zikhulu zamaZulu, nenza khona ukuba niphenye izikhulu izinduna eziphansi kwayo. Ngimeme izinsizwa nezintombi bazongisinela zikhulu zamaZulu. Ngiyazi ukuthi kade kuziliwe nje kade bagcina ukubonana. Ngiyazi ukuthi umangobe obulawe liphango angalibuka ngaliphi iso igundane nxa liqhamuka. Nzobo: Hawu, Ndabezitha, kwehlakala into enjengalena, Nkosi, kanti iNdlovukazi yesizwe engasekho eseyikhotheme kade ikuhambele ngephupho izokuyala, Nkosi, kwasengathi uthothanisile wena kaPhunga, wena kaMageba. Shaka: Qha, zikhulu zami zamaZulu, ningashaywa luvalo ngoba kalukho olubi engiluqondile. La mabutho ezintombi nezinsizwa yibona baholi bangomuso besizwe samaZulu. Badinga babe qotho bafunde ukuzithiba uma kuswelekile. Noma ukuzila sekunqamukile kodwa kangithandi bakhombise ukuthi kanti bese beboshwe ngezisinga ezingagqabuki ngokuba bazilele uMame wesizwe. Awuboni nje-ke sengibonile ukuthi babukana ngamehlo aconsa amathe. Niyabona-ke sengizobiza uSozabile igosa lezinsizwa ngimyale naye edlulisele iziyalo lezo kwabanye ... Izinkomo Sozabile: Ndabezitha, ngizwile ukuthi ungibizile, Nkosi, emveni kokuba intsha yamaZulu isikusinele njengokusho kwakho, wena kaNdaba. Shaka: Phona esikhundleni sokuba nisine kahle Sozabile nenziwa yini ukubukana ngamehlo aconsa amathe engathithi ngomangobe bebuka amagundane izintombi leziya? Sozabile: I Nkosi siyacela idle izibekele ngoba phela iso liwela umfula ugcwele. Izinyanga ezintathu singabonani thina zinsizwa nezintombi kudale ukuba sibe zilwane, kodwa siyanxephezisa. Shaka: Kanihloniphi ngam kukhothame iNdlovukazi na? Okusho ukuthi benizile niboshwe ngezisinga ningathandi. Hawu, bantabami nikhumbule ukuthi ningabaholi nina besizwe samaZulu ngomuso sengicimeze amehlo. Fundani, bantabami, ukuhlonipha nizithibe phambi kweNkosi yenu enhliziyo iqaqambayo ngokufa kukanina okaNjomane. Uyale nabanye futhi ngisho zona izintombi nezinsizwa. Sozabile: Ngiyalibonga lelo, Nkosi, ngiyinja yakho ekholekile kuwe wena kaPhunga, wena kaMageba, wena kaSenzangakhona. Wena owamiswa ngenkatho engaziwa muntu ukuba ukhanye phambi kwesizwe samaZulu sikulandele njalo, mana njalo!

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liphume 105 II UDINGANE KASENZANGAKHONA

A b a d la li:

Umxoxi Shaka Mdlaka Nzobo Dingane Mhlangana Mb uzikazi Mbopha

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liyaphuma

Umxoxi: Nina beNkosi, kuleli zinga lemilando yakwaZulu sithanda ukubani silisho ngembaba elokuthi uDingane kaSenzangakhona ungomunye wabaqave kakhulu kwimilando yakwaZulu. Njengoba nazi nonke wayengumfowabo weNkosi uShaka omnyama, ngoba naye phela wayezalwa nguye ngempela ngempela uSenzangakhona. Omunye owaqava kakhulu ebukhosini bakwaZulu kwaba nguMhlangana. UMhlangana-ke naye futhi uzalwa nguSenzangakhona. Ngalesi sikhathi kwakusanda kuhlaselwa emaMpondweni, okwathi kuleyo mpi amabutho afika lena emaMpondweni kwenzeka owayebahola eyigosa lempi hawu, waguqa oweNkosi. Kwaphetha ngokubane babuye babuyele emva kuye uNkosi uShaka ukubani bazobika, ngoba phela yabe seyingasekho eyayiyigosa lempi leyo. Baqhamuka kuShaka wathukuthela wazithela ngamanzi oweqhawe, wathukuthelela ukuthi bangamavaka, amagwala. Hhayi-ke, nangu uShaka nezinduna zakhe uhlezi nje ungqumuza izindaba zombuso wakwaZulu. Shaka: Ngisho ngiyagcizelela ngithi indaba yevaka lapha kwaZulu ayikho ngoba ingekho, ngimfunge ujama! Izinduna: Shwele Ndabezitha, shwele! Shaka: Lo mkhuba owenziwa yileli butho, lishiye igosa lalo lidindilizile lena libuye Iona lizobikela mina lokho, kimina lokho ngubuyumba, ngubuyumba impela, kungicasula ngendlela engingasoze ngayikhohlwa.

106 Mdlaka: Ndabezitha, Nkosi enkulu kaZulu. Abantwana bakho, Ndaba, baphazamile, Nkosi enkulu kaZulu. Shaka: Ngithukuthele ngiyaqhuma. Kuthi mangife manje. Mdlaka: Kufanele Ndaba, bonile abantwana bakho Nkosi, ngokungayenzi intando yakho okuze kwenza bangqubuzane nentando yakho Zulu. Thambisa igazi, wena wendlovu. Xola, Ndabezitha. Shaka: Ngithukuthele kuthi mangiqhume, zindunazami. Futhi ngicanukile, ngicanuke kakhulu, zinduna zami. Mdlaka: Kufanele, Ndaba. Shaka: Kusuke kuthi mangibafake esibayeni bonke laba bantu, khona manje nje, kungene izinsizwa zibabhokode ngemikhonto. Angithukuthele ngiyafa. Kuthi mangikwenze lokhu ngibabulale khona manje. Mdlaka: Awu, Nkosi enkulu kaZulu! Lokhu phakathi kwabo kukhona abakayihlo nje, Nkosi, hawu Nkosi, bona abaphansi bese bethini uma izinto sezinjena? Shaka: Zindunazami! Mdlaka noNzobo: Ndabezitha! Shaka: Mina ngiyahanjelwa ngamathonga ebusuku. Kuyenzeka lokho ukuthi amathonga angihambele ngilele. Kakubonaze kwenzeke abaphansi, izithutha, zrthi mangigodle amavaka, obhuqukudla lapha kwaZulu; akubonaze kwenzeke lokhu kwaZulu. Ngisho kungaba obaba, noma ngokabani kudingeka abe liqhawe uZulu, adlondlobale njalo nje anqobe nezizwe nezizwana njalo nje. Impela ngithukuthele. Mdlaka: Nkosi enkulu kaZulu, kuyakhanya okushoyo kithi, siyezwa Ndaba. Bonile abantwana bakho, zonile izinja zakho, Nkosi. Nokho-ke Nkosi, Nkosi enkulu yohlanga sebejezile Nkosi labo ababeyibambe negosa eduzane. Bhodla wena wohlanga, bhodla Ndabezitha. Ziphosiso zabantabakho lezi Ndabezitha. Shaka: Zindunazami! Mdlaka: Ndabezitha, Ndaba! Shaka: Sengibuye ngabona kabusha futhi. Mdlaka. Mdlaka: Ndabezitha! Shaka: Le mpi ephuma lena emaMpondweni, ngifuna kusukela khona manje nje ihlasele uSoshangane. Ngifuna, Mdlaka, umemezele lokho ngokuphazima kweso khona manje nje. Mdlaka: Kuzoba njalo Ndaba, Ndabezitha! Shaka: Ngifuna bahlasele bonke noDingane noMhlangana mbala. Ngifuna liyaphuma ikhwezi, Mdlaka, bangena indlela bayohlasela kwaSoshangane. Mdla: Ngiyezwa Ndaba. Shaka: Hamba-ke, Mdlaka, wenze lokho njengoba ngikutshelile, wenze ngokushesha.

107 Mdlaka: Ndabezitha, Ndaba! Shaka: Phuthuma, Mdlaka. Mdlaka: Ngizokwenza njengoba ushilo, Ndabezitha ... Umxoxi: Hawu, nebala ahambe uMdlaka induna enkulu kaShaka, ifike iwaweze kahle kakhulu amagama eNkosi lokhu phela igama elaliqhamuka eNkosini uShaka lake labuya yini lilambatha? Phinde. Kube khona-ke ukukhonona okuningi phakathi kwamabutho kokuthi: ‘Hawu, kodwa bandla iNkosi ingabe isasicabangela thina, ingabe isasibonelela na? Hawu, iNkosi enamandla nenkulu kangaka uSoshangane siyihlasele emveni kohambo olude, siqhamuka lena sikhathazwe izimpi emaMpondweni na?’ Abanye bakhomba nokuthi basafika nje, bemi ngezinyawo kabakahlali phansi, kabakagezi ngisho nezinyawo. UDingane wathatha umfowabo uMhlangana baya kocasha phakathi esijwini sehlathi elimnyama, ngalobo busuku. Balala endle. Baxoxa-ke lapho endle, bheka ngoba nobuthongo babungehli bexoxa bejeqeza besaba izijeziso zomfowabo uShaka. Mhlangana: (Ekhwehlela) Mfowethu, Dingane! Dingane: Yebo, mfowethu. Mhl angana: Ulele yini? Dingane: Hawu, ngingalala! Cha, angilele, wena wohlanga. Mhlangana: Hawu, wena kajama, sengifile ngomiyane bengiluma lapha. Kanti futhi lapha ehlathini nobuthongo abehli mfowethu, kwesabeka nezilwane zasendle. Umuntu angethuka eseqiwa nayinyoka nje, hhayi! Dingane: Mfowethu Mhlangana, ake ngithi, ngiyezwa ukuthi ukhala ngomiyane nangezilwane zasendle. Mhl angana: Kanti wena mfowethu awu ... Dingane: Awukahle mfowethu, awukahle. Kodwa mfowethu uthini ngemihlola lena kaShaka ekhwela ngaphezulu, uthini? Mhlangana: Hawu, nango-ke uDingane. Uthini manje mfowethu Dingane? Dingane: Impela ngiyabuza, uthini ngale mihlola na? Mhl angana: Kwenzenjani, wezwakala unhliziyo ihluthukile kangaka ngoShaka, mfowethu? Wenzeni umfowethu uShaka? Dingane ngiyabuza ngoba phela uyazi ukuthi sizalwa nguSenzangakhona sonke, kungathatha mfowethu kube yichilo elibi ezweni uma thina sodwa sibukane ngeziqu zamehlo sizalana kanje, sizalwa ndoda yinye. Uyakubona lokho mfowethu. Dingane: Iqiniso impela, kuyiqiniso mfowethu. Hawu, Mhlangana mfowethu, lalela, kanti ngempela wena useyingane ebhibhidla amathe? Uthi, mfowethu, singathi sifika nje lokhu siphuma empini enkulu kangaka, sihambe nezwe elikude kangaka sithi sisemi ngezinyawo uShaka athi masihlasele le kwaSoshangane? Mhlangana: Seliphumile phela, mfowethu.

108 Dingane: Uthini Mhlangana? Ngibuza wena-ke mfowethu, oqhakambise ukuthi uShaka ungumfowethu sonke, uthini uma esigila le mihlola? Mhlangana: Usho njengoba njena esikhipha nje mfowethu sisakhathele, mfowethu, sisavuvukele nezinyawo? Dingane: Yebo-ke, uthini-ke wena kulokho? Mhl angana: Ewu, mfowethu, wangibuza umbuzo oyinkanankana-ke manje. Dingane: Phendula, mfowethu. Mhlangana: Ngingathini nje kodwa, mfowethu, ngingubani mina? UShaka lo, mfowethu, uyamazi, indlovu kayiphendulwa okaSenzangakhona. Dingane: Ehhene, akuphikiwe lokho. Mhlangana: Ngingeze, mfowethu, nami ngacuphuluza alwenzayo ngoba hleze ngizigwaze ngowami, ngigagamele izindaba ezingaphezu kwami: uyakubona lokho mfowethu. Dingane: Hhayi, wena mfowethu Mhlangana, hawu, uyinqaba njena. Mhl angana: Ungibuza lokho, mfowethu. Dingane: Phendula indaba, uyindoda, umdala uma ungaka, Mhlangana, phendula indaba ... Mhl angana: Hhayi bo, mfowethu, uShaka unezinhloli ezingangotshani, Ngizothi ngisika elijikayo, mfowethu, kanti sengizigwaza ngowami, ngiye kwagoqanyawo ngisemncane kangaka, ngingakaboni lutho ezweni. Dingane: We wena! Kawuthule-ke, Mhlangana! Uyabona-ke mina kangizimisele neze ukufa ngibhekile uShaka Iona eshekefula ngami, uyezwa? Mhlangana: Uthini-ke manje, Dingane? Khuluma ngizwe, mfowethu. Dingane: Lalela ngikutshele. Lalela, Mhlangana. UShaka Iona mfowethu, wenziwa yini thina sinawe angasihloniphi, amane asiphonse mdibi munye nabafokazana? Mhlangana: Hhayi cha, uyakhuluma lapho, wena kajama. Dingane: Sizodliwa zilwane zasendle, sibulawe nayinkemane, sifise okwezinja, kwenziwa yini? Mhl angana: Kodwa phela sizinsizwa, mfowethu. Dingane: Bengingathi uShaka uphaka impi eya kohlasela kwaSoshangane njena, kazihluphi nakuzihlupha nangokuthi siyohamba sidlani. Kanti thina sizophila ngamatshe sizinswempe yini, mfowethu? Ngiyabuza phendula. Mhl angana: Usho njalo, uthe phela sodla zona izinswempe uma sibuza lokho. Dingane: Mamoshane, site yindlala, sife yindlala? Mhl angana: Hawu, awuthule mfowethu, awuthule. Dingane: Yini, uzwani? Mhlangana: Kukhona okuthi hwashahwasha ngapha. Wena Dingane ukhuluma uphakamise izwi kakhulu, futhi kawujeqezi nakujeqeza kodwa lokhu, uyothi weba

109 asabelephi? Ukuthi kanti sikhuluma izinhloli zikaShaka ziyasicathamela mfowethu, ubojeqeza mfowethu uyindoda. Dingane: Yebo, yebo. Mhlangana: Ya, mfowethu, khuluma ngizwe. Dingane: E, manje-ke Mhlangana mina ngeze ngalibala ubala lolo, uyezwa? Ngiyazi ukuthi ngabe sengifile uShaka. Pho-ke kube nani? Bengingathi obaba nomame bafa. Ukufa kulo mbuso kaShaka, Mhlangana, angeke wakubalekela neze. Mhlangana: Kodwa phela, mfowethu, hhayi ukuthi uziphose kukho ukubhekile. Dingane: Lalela-ke mfowethu, nginesu mina. Khuluma wena sixoxe udaba lolu, nali izwe lifa sikhungethe izandla kuhle kwamanina, uthini Mhlangana? Mhlangana: Hhayi, Dingane, mfowethu, lolu daba lungaphezu kwami mina, futhi angazi ukuthi uqondeni ngale nkulumo. Wena qokothisa amagama akho ngizwe ukuthi uthini ukuze nami ngikuphendule, mfowethu. Ngoba angazi, mfowethu, ukuthi ungathini, uShaka uma esekhulume into useyikhulumile. Engathi nantiya nekhwezi seliphuma, sidinga ukuba siphume namabutho siyohlasela le kwaSoshangane. Dingane: Awuthule-ke mfowethu, thula-ke ngizokutshela mina Mhlangana, ngoba ngiyabona ukuthi unengebhe kakhulu. Mhlangana: Hhayi, mfowethu, ukuthi nginengebhe ... Dingane: Awuthule, Mhlangana. Uyabona-ke ngithi-ke thina sizoquba lapha kuphela, ngeke siye kohlasela kwaSoshangane. Kusasa sizozama ukubonana noMkabayi kajama, uyezwa? Kusasa lokhu okusile ngifuna sike sicebisane naye sobathathu ngodaba lombuso kaShaka lo, nanto-ke mina isu engilibekayo mina. Uthini wena kulokho? Mhlangana: Mamoshane, nangu uDingane e .... he we madoda. Dingane: Musa ukuba yivaka wena, ngithi uthini kulokhu nalo mqondo esengiwubekile? Mhl angana: Dingane, ufuna ukudumela inyathi ngezimpondo. Mfowethu, kanti awusaboni ukuthi usungenwa wumoya wezikhova manje, ongathi uShaka nxa ewelamela akubulale ngempela mfowethu: uyakubona lokho? Dingane: Awukahle, Mhlangana, lalela-ke. Noma mina ngingafa, Mhlangana mfowethu, angazi nanyaka ngoba ukuphila ngiphatheke kanje, ngizalwa yiNkosi yamaZulu uSenzangakhona, kodwa uShaka alokhu engishaya indiva engathandi nokwazi ukuthi ngingubani, hhayi, mfowethu, hhayi, hhayi. Kulungile njena sengingafa nokufa impela isibili, ngife. Mhl angana: Usho njalo, mfowethu? Dingane: Wena, Mhlangana, angikuniki lutho. Nantu ulaka lukaShaka phezu kwakho uma ungabambisani nami ngoShaka. Uma uphondo lukaShaka lugoba,

110 uyoke uzwe ukuba yinkosana ezalwa uSenzangakhona. Kodwa uma wesabela kude njengoba wenza nje ngomuso, mfowethu, uyozisola. Uyokhala uzithulise isikhathi lapho siyobe singasekho. Mhl angana: Ngani, mfowethu? Dingane: Lalela-ke, mfowethu. Mina kusasa lokhu okusile, ngixoxa noMkabayi. Uma sizwana ngobe sengazi kahle ukuthi hhawu, isu lami lizochuma, lizochamusela, hhawu abantu bayobamba ongezansi ngimfunge ujama kekhona. Mhlangana: Uthini, mfowethu? Dingane: Ngiyakutshela impela. Mhl angana: Kodwa, Dingane, mntakababa, ungenelwe yini? Dingane: Wo, usabuzawena? Mhlangana: Wakhuluma ngamasu manje. Kodwa wena uqondeni ngoweZulu na? We Dingane, hhayi mfowethu, uyabona, he! Dingane: Unengebhe wena, wenziwa yini..? Kukhala iqhude Hawu, awuthule, awuthule, kukhala iqhude! Mhl angana: Hawu, sekukhala iqhude, mfowethu. Dingane: Suka, suka ivaka leli ... Mhl angana: Cha, mfowethu, kodwa le ndaba le, uyabona le ndaba oyikhulumayo ... Dingane: Suka uyivaka, sukuma sihambe, nakhu sekudabuka ukusa. Ukhuluma ngesu, thula nje uzobona into yamehlo wena mntakababa, uzongibona kahle awungazi ... Mhl angana: Usho njalo, mfowethu ... Umxoxi: Bala uDingane noMhlangana kababuyanga babonakala ngoba phela babehamba ngokuthubeleza bengabantu ababehamba ngaphandle komthetho weNkosi bazi ukuthi, uma beke babonakala ukuthi kanti kabahlaselanga namabutho amanye kwaSoshangane, bayobe bawothe ubomvu. Laphayana esigodlweni kwakukhona phakathi komndlunkulu weNkosi uShaka, intokazi lapha okwakuthiwa nguMbuzikazi. Abanye babemdumise kabanzi ukuthi intandokazi kaShaka. UMbuzikazi kwakungumuntu njena wabantu. Phela ngenxa yokuthi wayehleka njena uMbuzikazi exoxa ewumuntu omnandi wayesezwile ngenzwabethi ngamahlebezi ukuthi iNkosi lena uShaka, hhayi, isinyamanambana kubafowabo. Hhayi-ke, uhlezi nje uShaka, nentandokazi yakhe uMbuzikazi bayaxoxa nezinkomo naziya eqeleni naziya nezinja zikhonkotha eceleni kwegceke. Izinkomo nezinja Shaka: Hewu, mntanami Mbuzikazi, wangichoba kamnandi ngaze ngezwa ngifikelwa isinethenethana sobuthongo, mntanami.

111 Mbuzikazi: Hawu, kwamnandi ukuzwa lokho, Nkosi /ami. Shaka: Hewu, mntanami, okweminwe yakho nje ekhanda kimi lapha ihamba kamnandi, ihamba kamnandi isimangaliso mntanami. Mbuzikazi: (Ehleka) He, kwaze kwamnandi, Nkosi yami, kwaze kwamnandi lokho. Impela nami kuyangithokozisa ukuzwa iZulu eliphezulu, iNkosi yami engiyithanda ngothando lubhanqene kabili. Nkosi yami, wena omnyama! Shaka: Yebo mntanami. Mbuzikazi: Ngikuthanda ngenhliziyo yami yonke Nkosi yami ngakho konke oyikho. Shaka: Waze wangithokozisa mntanami, hewu! (ekhwehlela). Ngiyezwa, mntanami. Mbuzikazi: Kanti futhi ngikuthanda ngomphefumulo wami wonke ngoba uyiNkosi yezwe lakithi kwaZulu. Angazi ukuthi ngangenzeni kwabaphansi ukuze baze bangiqoke ngisondele eduze kweNgonyama yezwe ngalolu hlobo, Nkosi yami

Shaka: Ukukhuluma kahle kamnandi ngalolu hlobo, umntanami kodwa wakuthathaphi? Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami. Shaka: Hawu, mntanami, amazwi wakho afana noju Iwezinyosi isibili. Hhewu, Nkosikazi kodwa mntanami, ewu, wakhuluma kahle. Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami. Hawu, Nkosi yami, Ndabezitha! Shaka: Yebo, mntanami. Mbuzikazi: Kodwa kokunye ngithi kangesabe ngawe ngoba ngiyakuthanda futhi ngikukhonzile, Nkosi yami. Shaka: Wesaba ngani mntanami? Khuluma ngizwe. Mbuzik azi: Okudala ukuba ngesabe ukuthi kwesinye isikhathi uyaye udedele amabutho nezinceku ahambe usale wedwa lapha ekhaya, Nkosi yami. Shaka: Hawu, Mbuzikazi, mntanami! Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami. Shaka: Wakhuluma kwasengathi uhlezi kwazwi lithile. Kanti ngabe, mntanami, ukhona yini umuntu omaziyo ongase kube uyangizonda lapha kwaZulu? Bengithi ngiwuphethe kahle umuzi wakwaZulu. Mbuzikazi: Yebo, Ndabezitha, Nkosi yami engiyithanda kakhulu. Ngingeze ngaqonda ngiqede ukwazi, kodwa kuyaye kungifikele nje ukuthi omunye angase afise ukuba nguwe aphathe isikhundla sokuba yiNkosi yezwe. Uma kungenjalo, Nkosi yami, omunye wethuka ize lokuthi ngelinye ilanga iyothi kabanjwe aphonswe ngaphandle adliwe zinyoni zezulu Nkosi yami. Shaka: Hawu, mntakwethu, Mbuzikazi.

112 Mbuzik azi: Yebo, Nkosi yami. Shaka: Uma ugigiyela ucabangela uDingane. Hawu, uma ucabangela uDingane-ke mntanami hawu, hawu, hawu, impela hhayi ulahlekile. Ngoba yini yona uDingane? Mbuzikazi: Ngiyezwa, Nkosi yami. Shaka: Futhi uDingane, mntanami, mina ngibona nje kuphela efana nomuntu obambelele ezidwabeni zawomame ngenxa yendlela akhonze ngayo abafazi. Akumuntu walutho uDingane ... Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami, ngiyezwa, Ndabezitha, Nkosi yami ... Shaka: Uyabona-ke, mntanami, alukho nje nolulodwa engingalukhuluma ngoMhlangana, (ehleka) ngoba uhlezi kahle lapha kwaZulu emhlabeni kayise phela ngoba uyiqhawe, ubuye athande njengami njena. Futhi-ke, bobabili ngibaphethe kahle kakhulu lapha kwaZulu. Pho bangathi badingani, bafunani? Abeswele lutho. Mbuzikazi: Yebo Nkosi yami, ngiyezwa. Qha, wena weZulu, Nkosi yami, ngiyaphenya nje ngoba angazi ukuba ngingathini. Shaka: Uyafunisela nje mntanami. Mb uzikazi: Manje Nkosi yami, uMbopha kaSithayi Iona osondele kakhulu kangaka kuwe, uyothini nxa ngelinye ilanga ezihlanganisa nezitha bakugile isilo sengubo, Nkosi yami, kungukuphela kwakho nje, Nkosi yami, ngingathini ngawe, Nkosi yami? Shaka: (Ehleka) Hawu, Mbuzikazi, kanti uphethwe uthando nje Iwami wena kayikho into oyikhulumayo, bengithi uza nodaba. UMbopha ... Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami. Shaka: Yini uMbopha, mntanami? Hhawu, uyangihlekisa, uMbopha Iona okuthi kungahlangana amehlo akhe nawami ashaywe uvalo, kushayane amadolo, kudlale ibheshwana lakhe leli! Mbuzikazi: Ngiyezwa, Nkosi yami, Ndabezitha. Shaka: Hawu, uMbopha ungesabisa okwenyoka. Kayikho into angayesekela eqonde ukungilimaza ngoba uyazi ukuthi ngabe ulibuke uyaligcina ilanga. UMbopha kalutho, futhi uMbopha mntanami ungesabi, ufana nenja yami nje, ehhene, inja yami etshikiza umsila ngoba ngamkhulisa ngamenza utho ezweni eyinja uqobo, ngabe akekho ukuba angikho. Mbuzik azi: Yebo ngiyezwa, Nkosi, Ndabezitha, konke lokhu okushoyo, bala, wena weZulu. Shaka: Yebo, mntanami. Mbuzikazi: Kodwa oDingane nawoMhlangana nawoMbopha laba obabukela phansi, ongabashayi mkhuba kungase kwenzeke bagqugquzelwe ngumuntu othile ofisa ukubona umsebenzi wakho usuketukile. Ngoba phela uma engase

113 ababumbe, babe yimbokodwe kungakubi kuwe, Nkosi yami. Mbuzikazi: Ha, wavuleleka-ke namhlanje, Mbuzikazi, mntanami, ngoba uvuleleke kanjena ukhuluma izindaba ezinohlonze nami. Manje uma uthi kukhona ongabagqugquzela ngabe ubani mhlawumbe. Ngabe usho uMkabayi? Mbuzikazi: Nkosi yami! Shaka: Ngani? Ngoba ethemba ukuthi ngase abuse? Yiliphi izwe elake labuswa umfazi? Mbuzikazi: Alikho, Nkosi yami, alikho ngempela. Shaka: Futhi uMkabayi usetabungile ukuguga. Ngiyazi yena ukuthi kwesinye isikhathi unenzondo yemambalugodo. Umuntu ubuye ehlulwe yinhliziyo ukuthi hhiya, umfazi ngoba bathi bephambene noMgobhozi esaphila esikhathini esiphambili, enukwe yizanusi ngabona izinyembezi sezigeleza lapha ezihlathini zehla. Hawu, kwabuya yena futhi uMkabayi engikhalela ethi mangingambulali uMgobhozi. Yini yena uMkabayi, umfazi lo? Mbuzikazi: Yebo, Nkosi yami, ngiyezwa Nkosi yami. Hawu, uyakhuluma kakhulu, Nkosi yami, ngiyezwa. Shaka: Akukho lutho engingalwesaba kuMkabayi. Mbuzik azi: Kepha mina ngibona ekuzonda, esakubambele amagqubu ngenxa yabantu abafayo, yilokhu kwagoduka iNdlovukazi, okaNjomane, uMama wethu sonke, Nkosi yami. Shaka: Wewu, uma sekuchitheka igazi, nguye ombona esenamehlo antanta izinyembezi kuqala uMkabayi, kakukho lutho kuMkabayi. Wena-ke, mntanami, ukhuluma izinto ezincane Mbuzikazi. Kakhuli umuntu ongabambela umuntu efelwe, esibekelwe yifu elimnyama. Mbuzik azi: Ngiyezwa, Nkosi yami. Hawu, Nkosi yami, yebo uhlakaniphile kakhulu kunami, kodwa angazi ukuthi uyakhohlwa yini ukuthi amanzi aseke aqala ukugeleza kabuye erne aze aphele afikelele lapho eqonde khona, Nkosi yami. Shaka: Uthini manje, we mntanami? Kangisezwa. Mbuzikazi: Hawu, nomlilo wequbula kawupheli ucime ungaqedanga iqubula lonke. Shaka: Angikuqondi ukuthi uthini manje. Mbuzikazi: Hawu, umhobholo nenzondo, Nkosi yami, kubi kunabo bonke ububi, kakupheli kungachamuselanga, Nkosi yami. Shaka: Hawu, Mbuzikazi mntanami, wakhuluma wangethusa kabi kangaka, yini, kwenzenjani? Kazi unaqiniso lini ngalezi zinto ozikhuluma ngobabekazi uMkabayi na? Khuluma ngizwe. Mbuzikazi: (Ekhala) Hawu Nkosi yami, uthi mangenzenjani uma ngibona ingozi ikunyonyobela na? Ndabezitha!

114 Shaka: Hawu, hawu, hawu, uza nendaba. Musa ukukhala, khuluma. Mbuzikazi: Thina bantu besifazane siye sizwe izindaba ezithathelayo ukubani zifinyelele ezindlebeni zamakhosi anjengawe njena. Shaka: Hawu, mntanami, thula, yiza nodaba uthule ungakhali, ngizokuzwa. Mbuzik azi: Yebo, Nkosi yami. Yebo, Nkosi yami; kunjalo Nkosi yami. Shaka: Hawu, Mbuzikazi mntanami, engimthanda kangaka, wangithela ngemvula yezinyembezi na? Ngabe kwenzenjani ezweni, uzweni wena? Mbuzikazi: Nkosi yami! Shaka: Kepha wena, mntanami, uthanda ukuba ngenzenjani izinto uma zinje? Ngichushise ngizwe, mntanami. Mbuzikazi: Ngilala ngiphuphe kabuhlungu, izitha zikuhaqile. Kwazi bani ukuthi abaphansi bangitshela ukuthini ngawe, Nkosi yami, nenhliziyo yami? Mina linye elami kuwe Nkosi yohlanga. Shaka: Hawu, mntanami, thula. Mbuzikazi: Bulala uMkabayi benoMbopha, uthathe uDingane noMhlangana ubadingise bangabuyi baphinde balubeke unyawo lapha kwaZulu, Nkosi yami. Shaka: (Ngokumangala) Hawu, hawu, hawu, ukhuluma umhlola , mntanami. Kanti ufuna ngibulale udade kababa, ngibulale inceku yami uMbopha! Hhayi, hhayi, Mbuzikazi, yilokhu ngaba yiNkosi lapha kwaZulu kakubonaze kwenzeke ngibulale umuntu oyigazi lami, phinde ... Mbuzik azi: Yebo, Nkosi yami. Shaka: Musa, mntanami, ukungedusa; mntanami, musa ukukhala. Mbuzikazi: Ngiyezw a. Shaka: Ngiyabona wena uphethwe uthando nje mntanami, uthando lukamandangaphakathi. Hawu, thula mntanami thula, uthando nje kuphela. Mbuzikazi: Maye, we ma! Kodwa iNkosi yami engiyikhonze kakhulu kangaka, wenziwa yini ungangilaleli Nkosi ngibona na? Ungabayeka bazobulala wena Nkosi yami ... Shaka: Uthando nje, mntanami, uthando, kakukho okunye. Akukho lutho, mntanami, ungesabi. Mbuzikazi: Babulale wena, kawuqali, wenaweZulu, ngilalele. Hawu we ma! Babulale Nkosi yami, babulale ... Shaka: Uphethwe uthando, hawu, mntanami, thula ... Umxoxi: Yebo nina beNkosi, emveni kwazo lezo zinsukwana, uMbuzikazi ekhala embongoza, ethi kabulawe uMkabayi noMbopha ngoba beyingozi empilweni yeNkosi uShaka, hawu nina beNkosi, hawu, walala ngelinye ilanga uShaka. Uthe elele uShaka omnyama waphupha. Wabona uMbopha kaSithayi inceku yakhe enkulu. Le nceku yakhe yayikhothamela, ikhulekela, iguqe phambi kweNkosi

115 ethize, okwathi nxashana eseyicingisisa eseyibuka, eseyibhekisisa le Nkosi, khona ephusheni belu, hhayi kwangacaca ukuthi ingubani le Nkosi na. Ngalezi zinsuku uMbopha wayesedla ejeqeza ngoba wayengazi ukuthi izindaba zabo noDingane noMhlangana noMkabayi, kungase kube sekwenzekile yini bamthwala ngeqoma zafinyelela kuShaka iNkosi na? Emveni kwephupho, uShaka wambiza uMbopha kaSithayi. Wanele wezwa lokho uMbopha kaSithayi, washaywa uvalo, kwaxega amadolo. Nokho waya khona eNkosini ihlezi phansi komuthi izinkomo zikhala emaqeleni, nezinja zayo iNkosi zikhonkokhonkotha. lzinja:izinkomo Shaka: (Ethetha) Mbopha kaSithayi. Mbopha: Ndabezitha! Shaka: Mbopha kaSithayi. M bopha: Ndabezitha! Shaka: Uyangicanula uma ungikhulekela ngalolu hlobo. Mbopha: H aw u ... Shaka: Ngikhuluma nawe, Mbopha kaSithayi. Mbopha: Hawu, Ndabezitha, ngase kube inja yakho ekhulekile kuwe seyenzeni kuwe? Wangikhulumisa kabuhlungu kangaka, Nkosi yezwe, ngabe ngenzeni, Nkosi yami? Shaka: Uyangicasula. Thula, nja ndini, ngikhulume nawe. Mbopha: Ndabezitha! Shaka: Nja ndini, ubizwe yimi lapha. Mbopha: Ndabezitha! Shaka: Kawuzilethanga lapha uzokhuluma nami. Mbopha: Yebo, Ndabezitha, kunjalo. Shaka: W e Mbopha. Mbopha: Ndabezitha. Shaka: Mbopha. Mbopha: Ndabezitha. Shaka: Ngithanda ukwazi kuwe namhlanje ukuthi, wena uma ucabanga, kwenzeke lapha ngifa, ubani ongase abe yiNkosi yalapha kwaZulu. Mbopha: Hawu, hawu, Ndabezitha. Ungibuza udaba olungaphezu kwami, Nkosi. Uma ungibuza into enjalo, wena weZulu, mina ngiyinja yakho, Nkosi, kuphela, Nkosi, ekukhonzile. Ngawe ngingafa nokufa Nkosi. Kimina kakufiki ... Shaka: Ngubani ongabusa uma kwenzeka ngifa? Mbopha: Kakufiki nakancane ukuthi kungakhona enye iNkosi lapha kwaZulu engase ibuse ngaphandle kwakho, Nkosi, kayikho Ndabezitha. Shaka: Esikhundleni sokuba, Mbopha, ukhulume udaba, ngikubuza, Mbopha,

116 ulibala ukugemunca ugemunca, ubala ubala. M bop ha: Hawu, uxolo Ndabezitha. Shaka: Lalela-ke. M bop ha: Ndabezitha! Shaka: W e Mbopha. Mbopha: Ndabezitha! Shaka: Izolo lapha bengilele lapha esigodlweni sami, uyezwa kahle? Mbopha: Ndabezitha. Shaka: Ngiphuphe wena qobo Mbopha ugaqa phansi lapha, ukhasa phansi, ukhulekela iNkosi engingayaziyo lapha kwaZulu. Mbopha: Hawu, Ndabezitha! Shaka: Ubukuthathaphi lokho? Mbopha: Hawu Ndabezitha! Shaka: Ehhene, ngikuphuphile. Ehhene, kungase kube yiqiniso, ucabanga ukuthi ungenza mina isithutha, ufuna ngikholwe ukuthi ngiphupha amawongowongo. Mbopha: Angikwenzi isithutha, Ndabezitha. Shaka: Ubukhulekela bani Mbopha ephusheni? Mbopha: Hawu Ndabezitha ... Shaka: Mbopha ngiyabuza ubukhulekela bani ephusheni lami? Ubukhulekela bani? Mbopha: Ndabezitha, Nkosi yohlanga. Hawu, Ndabezitha, kawuphuphi wona amawongowongo, kepha hawu, mina Nkosi ... Shaka: Mbopha ngiphendule, ubukhulekela bani? Mbopha: Hhayi, Nkosi, mina kangiboni lapha kwaZulu ukuthi kukhona enye iNkosi ngaphandle kwakho. Futhi, Nkosi, ngikukhonze ... Shaka: Ngithi ubukhulekela bani? Mbopha: Ngikukhonzile, Nkosi, hawu, Nkosi, hawu, kangikwazi ngoba ngingafa nokufa uma ngicabanga ukuthi kungakhona enye iNkosi engingayikhulekela ... Shaka: Pho ubukhulekela bani uma ungikhonzile? Mbopha: Ngingazishaya ematsheni ngife, Nkosi. Shaka: Ho, Mbopha. Kulungile, Mbopha, hamba, kodwawazi ukuthi nango mina, ngikulandele kukho konke okwenzayo. Hamba, Mbopha. M bopha: Ndabezitha! Shaka: Sizotholana.

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liyaphuma

117 12 IFU ELIMNYAMA

A badla li:

Umxoxi Dingane Mhlangana Mkabayi Ngomboco Nhlikinhliki

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liphume

Um xoxi: Namhlanje ukuze umnyombo weNkosi uDingane kaSenzangakhona uqondeke kahle, sizoke sibuyele emuva eNkosini uShaka esanda kuthatha ubukhosi bakwaZulu ngendluzula. Izwe lakwaZulu labe selilindele kakhulu ukubane uDingane abuthathe ubukhosi, naye ngokunjalo ezimisele ngokuthi uzobuthatha ngoba uMkabayi kajama wayesemkhombisile uthando olukhulu, kanti futhi uMkabayi kajama wayenogazi olukhulu kwaZulu emveni kokukhothama kukaSenzangakhona. UShaka ufike wathatha ubukhosi bakwaZulu ngendluzula ehamba nebutho elinomfutho. Nango-ke uDingane noMhlangana bexoxa emfuleni begeza. Izinceku zabo zabe zigezageza bandla nazo laphaya ngezansi komfula. Amanzi omfula Dingane: Mfowethu, Mhlangana, bengilokhu ngikhala ngifisa ukuba kengithole ihlane sixoxe nawe njangamanje. Singakhulumeli phezulu, mfowethu, ngisho phela ngoba, mfowethu, izwe liyanyakaza, futhi mina nje kungigabhile, angazi ukuthi ngingathatha ngithini, mfowethu. Mhlangana: Ewu, impela, mfowethu, kulukhuni. Zinkulu izindaba ezehlakala lapha kwaZulu. Noma-ke mfowethu ngisemfushane nje mina ngingakabi namdlandla kwezobukhosi bukaBaba kodwa-ke ngiyabuka nje ukuthi yelele, kuxhaphaka udaka. Dingane: Ndabezitha, wena weZulu. Mhl angana: Mina, mfowethu, ngiyiqhawe nje kuphela anginandaba nokunye,

118 ngigiya ngejozi nje kwaphela, futhi uma sengigiya ngizwa ngijabula kabi. Dingane: Ungakhulumisi okwengane, mfowethu. Uthi yikho lokhu ubukhosi bukaBaba buthathwe uShaka, into yokuthukuswa, into eyakhulela endleieni ezintabeni unina ekuphethe ngomlomo kuhle kukamangobe na? Mhl angana: Wayikhuluma indaba. Dingane: Noma uSigujana ebengelutho kodwa ebengcono kunoShaka. Hawu, uShaka pho, mfowethu, uShaka abe yiNkosi kwaZulu sikhona! Mhlangana: Yindaba leyo, mfowethu, cha, yindaba. Nami mfowethu kukhathaza kakhulu kimi emoyeni lokhu kwehlakala lapha kwaZulu, ukuba ubukhosi bukaBaba buwele kuShaka. Hhayi, nokho-ke sengibuye ngabhodla ngokwazi ukuthi naye uShaka lo, mfowethu, uzalwa wuye uBaba uSenzangakhona. Futhi- ke hhayi, liqhawe umfowethu, yiqhawe, impi uyayithanda, uyayithanda impi! Okusho ukuthi, mfowethu, uZulu uzokhula ngoba uShaka lo uzosifundisa leli su lakhe lokulwa ngomkhonto munye. Dingane: Uyabona, mfowethu, uyaphambuka Jama kekhona, uyaphambuka Jama. Uthi kulungile ukuba abantu bakaBaba babuswe yingane yesihlahla sikhona thina sinawe mfowethu? Kakusilo iqiniso. Mhl angana: Hhayi, mfowethu, kangazi ngoba ngiyabona ukuthi uphatheke kabana wena ngale ndaba. Kodwa mfowethu ungamisa kanjani ngoba phela nenkomo isamisa ngezimpondo? Dingane: Uthini, mfowethu, uma usho njalo? Mhlangana: UShaka ukhuluma ngejozi kuphela, mfowethu Dingane. Wena kawunamabutho angabhekana noShaka, neze neze, mfowethu, awunawo amabutho. Angazi noma kwenza ngoba mfowethu wawungekho yini mhlazana efika nebutho lakhe elilwa ngamkhonto munye, nakho phela ngamhla ebulala uSigujana waqotha imbokodo nesisekelo, mfowethu. Uma uzimisele umbango- ke, mfowethu, mina ngibona ukuthi uzidonsela amanzi ngomsele nje. Kodwa awungitshele, uMkabayi kajama inkosazana yesizwe enkulu, usuke wafakana naye nje umlomo? Lolu daba ilubuka ngaliphi iso yona? Dingane: Nakho-ke, nakho-ke, Ndabezitha, nakho-ke Jama; yima ubuze udaba njengendoda manje, mfowethu. Mangiqale nje ngisho ukuthi sengike ngabonana noShaka ngasese, kanti ngabe ngikade ngibonana noMkabayi kajama. Mhl angana: Ngisize ungiphuthume, mfowethu. Okokuqala nje ngithanda ukuzwa ukuthi uShaka wathini kuwe mhla nibonana ngoba nakhu usho phela ukuthi senike nabonana ngasese naxoxa. Dingane: Qha, mfowethu, Ndabezitha, uShaka uthe kimina, mfowethu, nanka awakhe amazwi: ‘Dingane, uzalwa nguSenzangakhona njengoba nami mina Shaka ngizalwa nguye uSenzangakhona. Ngithanda ukuba ungayingeni imibango

119 lena engayisi ndawo. Ngifuna utshele bonke abegazi likaBaba ukuthi uma kuphela bethobela umbuso wami ngeke besaba lutho. Ngifuna nonke nibambisane nami mina Shaka ngoba ngiqonde ukuba isizwe sakwaZulu sidlondlobale, sibuse ngenhla zonke ezinye izizwana zibuze ngezansi’. Nanko-ke awakhe mfowethu, akukho okunye ngaphezu kwaloko. Mhlangana: Bala, mfowethu, kuyezwakala ukuthi ngamagama endoda uqobo lawo, ngizoke ngizwe-ke kuwe ukuthi uphendule wathini-ke wena kulokho, m fowethu. Dingane: Hawu, uyabuza, Ndaba? Uyabuza khona ukubuza Ndaba? Hawu, usina ngethambo lami, mfowethu, isibili. Mhlangana: Hawu, uthini? Dingane: Ngiwuhlabe inhlali owami umlomo, mfowethu, ngoba noMkabayi kajama ubeseke wangiluma indlebe wathi ngingalokothi ngivuse umhlwenga kuShaka, wathi uma ngike ngakhombisa umoya omubi wenzondo wezikhova kuShaka ngiyoya kwagoqanyawo. Nami-ke, mfowethu, wena kaBaba, ngihlezi ngithule ngithe du ngifukamele lawo magama, angifuni kunyakaza neze neze, kodwa uMkabayi kajama ungethembisile ukuthi nami liyoze line ngakithi yize uShaka ethathe ubukhosi bami ngenkani nje. Mhlangana: Ngoba impela uMkabayi kajama uhlakaniphe isimanga, ngoba iso lakhe libukhali, into uyibuka ayibuke achushe ngale. Iso lakhe libuka kude. Qha, mntakababa, nami impela ngiyavumelana noMkabayi kajama, uShaka laphathana nje mpongo lala ube wazi wena ukuthi lunye usuku Iwakhe. Dingane: Nakho-ke, Ndaba. Mh! angana: Nokho-ke kasazi, mfowethu, ngoba maningi amaduna kaBaba, mhlawumbe siyothi sifika kuleso sikhathi abesekhulile, nawe uhlafune ugijime njalo. Kodwa ngoba nakhu-ke, mfowethu, uMkabayi kajama uyakuseka, sengathi hhayi, ngeke wesaba lutho. Dingane: Qha, Ndabezitha, ngiyethemba, ngiyajabula futhi ukuzwa uma usukhuluma kanje. Kulungile mfowethu, masihlaleni-ke sidle imihlathi. Nabanye abafana bakaBaba abazalwa omunye umama asebehlakaniphile, ubatshele ukuba abathobele uShaka uma befuna ukudla anhlamvana. Hhayi, mfowethu, nali nelanga seliqala ukufudumala, masigoduke bangaze basole nabasokoci. Mhlangana: Mbala, mfowethu, nakhuya nezinceku zethu sezizindezela, zisho khona ukuthi sekuyisikhathi sokuba sibuyele emuva, mfowethu. Dingane: Hhayi cha, uhambe kahle, Ndaba. Izinkomo Nhlikinhliki: Hawu, laphuma ilanga, mntakaKhondlo, futhi angazi ukuthi ukudla kuyohamba kanjani emasimini ngoba phela ilanga eleqe ebangeni liyingozi, lidala

120 ukudla kufe, wena kaKhondlo. Kodwa uyalibona nje? Ngomboco: MntakaNyambose kodwa wakhuluma indaba yokudla wena, hawu, kodwa khona lokho kudla ungakudla ukuphi nakhu ulibona lizamazama ngalolu hlobo izwe lalapha kwaZulu? Uthini lo mfana kaMaNjomane? Nhlikinhliki: Muphi yena? Ngomboco: Lona okuthiwa uShaka. Awu babeshane, azothatha ubukhosi kwaZulu kanti bamxosha nonina esemncane kanti baxosha iNkosi yabo! Nhlikinhliki: Okungimangalisayo ukuthi abasiki bebunda bathi uDingane usethobele ubukhosi nakho ukubusa kukaShaka lokhu. Kuthiwa uDingane uhamba eyala, edonsa ngezindlebe abakayise ukuba bangalokothi bavuseie uShaka umhlwenga. UShaka-ke yena kuthiwa wambizela engxenye wamethembisa izibaya nemihlambi yezinkomo, kuphela nje uma ekhothama kahle ekhothamela nokubusa kukaShaka kwaZulu. Uyangizwa na? Ngomboco: Ngiyezw a. Nhlikinhliki: Impela uDingane ungivuke wangijikela esiswini njengamabele egayiwe, ngimfunge uQhakazile kaBaba! Hhayi, ngiyamangala. UShaka ngumuntu wempi noma nini, ntangayethu, ngeke neze amkhwela uDingane uShaka. Ngomboco: Hawu, uDingane ubewubani phela? Nhlikinhliki: Ngisho ngoba uDingane noma esalusa amathole kwakungumuntu oyigwala, uqobo Iwegwala. Into ayaziyo kwakuwukuchopha ingqakala emfuleni usuku lonke nokuphulula izitho zamanina kuphela. Kanti uShaka yonke into yakhe yenziwa ngendlovuyangena. Kuhamba ijozi phambili nje vo. Ngomboco: Yebo, wena kaKhondlo, kodwa-ke hhayi, asiziyeke izindaba zakomkhulu, nabo uqobo Iwabo nakhu zibemi emphinjeni. Hawu, Nhlikinhliki, awuthi kancane uthudlana, nakhu ngizwa isinethenethana, siza. Nhlikinhliki: (Ehleka) Uthudlana? Yamukela-ke nanti ithongwana lami: niyakhathaza. Hawu, wenzani uNgomboco webantu? Ngomboco: U sho ngani? Nhlikinhliki: Walibambabamba ithongwana lami nje kabuhlungu kanje, usuliqothula ubuhlalu wena bo. Hawu, kanti ukunika isigwadi ithongwana lakho lekhethelo leli kanti kunjani madoda? Ngomboco: Hawu, Nhlikinhliki, ungathi elekhethelo, ingani wena usaphatha amathongwana abafana abancane? Kanti unjani nje wena. Usaqonywa yini kanti. Hawu, Mashinga, ngoba bese ngithi wena nje uyikhehla likangiyane! Awuthi-ke ngithi ukubhema ngizwe. (Ekhwehlela ethimula) Nhlikinhliki: Suka lapha; awubheke uyathimula. Wemame, madoda, ake ningitsheleni kodwa nina nabanjani zishimane? Kodwa ubani lona obona ukuthi indoda iyaguga? Yake yaguga indoda? Indoda ayigugeli ukwanda. Ungibona nje

121 ngiyimina nje nginengoduso, yiyo lena engenzele leli thongwana lobuhlalu ... lzinkomo:izinja Dingane: O, wena weZulu, Nkosazana yesizwe. Yimi uDingane kaSenzangakhona, wena weZulu. Akukho lutho wena Nkosazana kajama, ngizokotha nje. Mkabayi: Hawu, Dingane, mntanomfowethu kwenzenjani, lokhu wena usuyiconsi lomkholongo lapha ekhaya emzini wami? Dingane: Wena kajama! Mkabayi: He, kazi ngakuxosha ngaliphi, mntakaSenzangakhona! O, ngena lapha, Dingane mntanomfowethu, uqoshame, nasi isigqiki. Dingane: Wena kajama, Zulu, ngiyalibonga lelo, wena weZulu, ngisho ukungamukela kahle kangaka ngoba phela isikhathi sesiside, Jama, thina nawe sagcina ukuhlola sibonane ngasese kanjengamanje. Mkabayi: O, mntanomfowethu, izwe selasiphendukela sibhekile. Dingane: Jama kekhona, usho ngani kodwa Ndaba? Mkabayi: Hawu, Dingane, kanti wena usuwakhohliwe yini amagama ami engawakhuluma kuwena ukuthi kufanele ulalise umhlwenga okwamanje kuze kufike eqophelweni lokuba singenza okuthize? Dingane: Qha, qha, qha, kangiwakhohliwe, Ndaba. Mkabayi: Yebo, lokho okuthize-ke esingakwenza okokuba uze uthole ithuba lakho lokuthatha isihlalo sikayihlo, mfana wami. Dingane: Awu, uyazi, wena weZulu, ukuthi mina angeke ngiwafele amathe amagama akho nanini nanini, ngeke. Okusemqoka nje okwamanje, hhayi, wena weZulu, izinto zingigabhile. Mkabayi: Uthini uma usho njalo? Dingane: Abantu bakaBaba kuwo onke amaqele bakhala ngokuthi yimi engibayekelela olakeni lukaShaka. Mkabayi: Hawu, uthini, uDingane, bandla? Dingane: Angisabazi ngisho ukubazi ubuthongo, wena weZulu. Mkabayi: Ungabazi kanjani uma kunjalo, mntanomfowethu? Dingane: Abusafiki ngisho ukufika. Angazi ukuthi le nto kaShaka ngizoyenzenjani wena weZulu, ingimile. Ziningi nje izinto ezingikhathazayo, wena weZulu, ngenxa yesandla esilukhuni sikaShaka kimi nabantu bakaBaba; impela. Mkabayi: Awu, Dingane, ngiyakuzwa, mntanomfowethu, ukuthi uyakhuluma. Isiminya nje ukuthi inkulumo enjalo nami kangiyeshwami, mntanomfowethu. Ziningi izinkulumo ezinjalo zokukhonona kubantu. Kanti-ke futhi nami ngiyobayoba njengawe nje mntanomfowethu. Dingane: Ndabezitha! 122 Mkabayi: Nokho-ke, Dingane, kangihlezi nje dekle phansi, ngimatasatasa ngiyakha, ngiyaluka ukuze ifu elibi kanje ligudluke phezu kwabantu bakaBaba. Dingane: Awubheke nje, wena weZulu, impikanamalanga ngigiya namabutho ngifakaza isithunzi ngesijula somkhonto. Abantu kuthiwa mabalwe. Mkabayi: Awu, ilukhuni le ndaba. Dingane: Kwamina ngizalwa nguSenzangakhona nje naye uShaka akangazi noma ngiyini, sengavuvuka namaqakala ngangaka. Mkabayi: Awu, naze nahlupheka, mntanomfowethu, nahlupheka, Dingane. Dingane: Hhayi, wena weZulu, sekuthanda ukungigabha kakhulu manje, kuthanda ukungihiula impela, wena kajama. Mkabayi: Hawu, wabalisa-ke, mntanomfowethu, ngezwa ngifikelwa izinyembezi. Impela lokhu kubalisa kwakho kungifikisela izinyembezi. Dingane: Wena kajama, sengihlulekile, sengihlulekile wena kajama. Mkabayi: Nami angazi ukuthi ngingathatha ngithini, nokho lokhu okwenzekayo akusho ukuthi asiboni, Dingane, siyakubona, pho singenzenjani? Singeze safukuzela sithathe ngamatata mntanomfowethu, entweni ebucayi kanje; ibucayi le nto. Uyabona-ke sidinga sibekezele kuze kufike isikhathi esikahle, sesihlele kahle konke siligudluze phezu kwabantu bakaBaba leli fu elibi elibasibekele. Dingane: Ngiyakuzwa wena weZulu, kodwa uShaka, uShaka ngimzonda kangizenzisi. Nokuthi ngiyambuka kuvele elami izinyo kungenxa yokusaba amanqe lana andiza phezulu. Mkabayi: Ngoba phela ngeke uwadle amabele uma ungase umzonde ukhombise ukumzonda, mntanami. Dingane: Impela nawe, wena weZulu, cabanga uthunge masinyane isu lokugudluza lobu bunzima obungaka phezu kwethu sizalwa nguSenzangakhona um fowenu. Mkabayi: Hhayi, ngiphezu kwalo mntanomfowethu, ngiphezu kwalo. Dingane: UShaka ngimzonda nokumbuka lokhu. Ngizonda ngisho nomuntu okhothana naye nowumlandeli wakhe omthobela ngoba emthobela isiminya: ngimzonda kabi. Mkabayi: Hhayi bo, hhayi, Dingane, akaphele lawo magama ezindebeni zomlomo wakho. Dingane: Sengikhathele, sengikhathele kabi, ngithukuthele kabi wena kajama, angisakwazi ukulungela lokhu, cha angisakwazi. Mkabayi: Lalela la, mntanomfowethu, izinhloli zizokuthwala ngeqoma ziyokuthi qithi phambi kukaShaka. Dingane: Akusenani, akusenani, kulungile lokho. Mkabayi: Habe, uthini Dingane! Liyokushonela emini, mntanomfowethu,

123 liyokushonela emini ilanga. Kanti nguwena themba lethu lapha sonke. Dingane: Hawu qha, ngeke kulunge, ngeke kulunge lokho Jama, ngeke. Umxoxi: Ukuyobayoba kukaDingane ebabele isihlalo sobukhosi bakwaZulu kwaya njalo ngokukhula kwabhebhetheka kwaya phambili. Kodwa-ke noma iNkosi uShaka wayeke anuke santungwana wayeke azibe nje athalalise ngokuqonda phela ukuthi hhiya, umlilo wezibi njena umbhidlango womuntu ongenamandla. Uma sihlolisisa imilando, kasitholi ndawo ukuthi uDingane wake waba yiqhawe wahlabana nezeneze, kodwa-ke kuyaye kutholakale ukuthi kwakuye kuthi ebuthiwe impi ihlasela abese enyenya yena esala ngasemuva, impi ishishilize ayilinde abuyisane nayo kube sengathithi naye kade ehlasele. Kukambalwana nje futhi uDingane ecishe ukubulawelwa ukuthi uyigwala, nokho umfowabo uShaka wayaye azibe kwazise ukuthi umoya wakhe wawungeze ungamuholela ekubulaleni abegazi lakhe neze. Ake sizwe-ke lapha nanka amakhehla amabili ebuyekeza isimo sezindaba zakwaZulu ngalesi sikhathi. Ngomboco: Hawu, kwakuhle, Nhlikinhliki, ngakubona ngasese. Ngizwa ukuthi uDingane unyamalele lapha kwaZulu, kazi ushonephi! Uma ngabe uyazi, Nhlikinhliki, awungitshele. Nhlikinhliki: Hawu, Ngomboco, mngane wami wezikhumba, uchaza ukuthi kanti uhlezi nje kawazi ukuthi uDingane ubalekeleni lapha kwaZulu? Ngomboco: Lutho, wena kaKhondlo, lutho, impela kawungilandise. Nhlikinhliki: Ubalekele phela ukuthi wabanjwa zinceku zeNkosi ecuthela intokazi yomndlunkulu. Lapho zithi ziyambamba izinceku, wangena ehlathini. Hawu, awuyazi indaba enkulu kangaka? Ngomboco: Cha. Hawu, pho kwenziwa yini ukuthi uDingane angabikwa eNkosini kukhishwe amabutho ahambe amzingele aze atholwe? Ngiyabuza, Nhlikinhliki, awungitshele. Nhlikinhliki: Abikwe ngubani? Ngomboco: Lokhu phela into esebenzayo nje leyo kwenziwa yini ukuba uShaka angakwazi lokho? Hhi, Nhlikinhliki? Ngoba phela uma kunjalo mina ngibona egangile impela ngokugangela umndlunkulu womfowabo. Kanti uyimpethu yomuntu! Hhayi, ngiyamangala. Nhlikinhliki: Hhayi, thula phela ngikutshele, thula. Ngomboco: Yebo, wena kaKhondlo. Nhlikinhliki: Sekuyindaba endala nje leyo, ngoba futhi sekuzwakele ukuthi uDingane wabalekela kwaQwabe koninalume. Kodwa uShaka ... Ngomb oco: Awuthi kancane, awuthi kancane (ebhema ugwayi). Nhlikinhliki: Lalela ulibele ukuhlwibila ugwayi unga ulalela le nto engikutshela yona wena, hawu! 124 Ngomboco: Qhubeka, qhubeka. Nhlikinhliki: Kodwa uShaka kuthe noma esezwile ukuthi ukwaQwabe, wangamlandela, wazithulela nje. Zolo lokhu amabutho aqhamuka kohlasela enhla nezwe ambamba uDingane abuya naye, amyisa kuShaka. Ngomboco: Hawu, laze lamshonela bantu bakaBaba uDingane umntakaSenzangakhona. Manje wena kaKhondlo, njengoba uthi babuye naye izolo nje, izinyoni zezulu zimudle nini kodwa okaSenzangakhona na? Awungitshele. Nhlikinhliki: Hhayi, wena mngane wami Ngomboco, sekukhanya nje ukuthi uShaka noma enesandla esilukhuni kubantu abaphula umthetho wakhe, kazimisele nempela ukubulala abantu abaligazi lakhe. Bheka ngoba unele wabonana nje nomfowabo uDingane waxosha zonke izinceku bangqumuza bobabili bodwana, kwashampushampuzeka nje kuphela udaba Iwaphelela khona lapho. Kanti zingaki izindaba? Qhuba wena kaKhondlo. Ngomboco: UDingane manje usebonwa emningi nje phakathi kwezihlwele zabantu kazange enziwe ngisho nolunci, dadewethu kababa. Nhlikinhliki: Hhayi, nempela ngeyomndeni leyo. Ngeyabantwana bakaSenzangakhona, singesho lutho thina. Hawu, kanti uShaka uyacabanga ngoba phela uyaviyoza ukuphakamisa isandla kokayise umntwana. Ho, wenze kahle nje ngoba phela abantu bebezothi bayazondwa. Awuthi ugwayi, wethu, kesithi ukuhogela kancane sixoxe kakhulu.

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liyaphuma

125 13 UKUKHOTHAMA KWENKOSI USHAKA

A badla li:

Umxoxi Dingane Mkabayi Mhlangana Mbopha Shaka Mbuzikazi Ikhehla Nzobo Mdlaka

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liphume

Umxoxi: Ngalezi zinsuku kwaZulu, udumo IweNkosi uShaka uDIungwane woMbelebele Iwase luqalile ukuya ngokuya lufekela kwabanye abantu okwakuyinto eyabe ikhwezelwa izifamona ezaziso limnjonjo esihlalweni sobukhosi bakwaZulu. Ikhanda lezimfamona kwakunguDingane kaSenzangakhona esekelwe yisekelakazi lakhe uMkabayi kajama. Bala nina beNkosi, noMhlangana noMbopha kaSithayi nabo base bebumbene nazo izitha zikaShaka. Lapha namhlanje, sibona uMkabayi kajama ehlezi elawini lakhe esigodlweni sakhe. Kwakusekuseni nje ilanga lase liqala ukubani lifudumale. Wathi ehlezi-ke owenkosi kwakhuleka emnyango uDingane kaSenzangakhona. Kukhala izinkomo Dingane: O, wena kajama kaPhunga kaMageba, yithi futhi Ndabezitha kwelakwaZulu sesibuyile. Siyakhuleka kuwe wena owabona ilanga ngaphambi kwethu, Ndabezitha. Mkabayi: Hawu, ubani lowo, engathithi uDingane umntanomfowethu uSenzangakhona? Ubani? Dingane: Uyena, Ndaba, uyena. Mkabayi: Haw u!

126 Dingane: Impela. Wena weZulu, Ndlovukazi enkulu kaZulu. Sesibuyile Ndabezitha, sihamba sibaningi, Ndaba, lapha, sesifikile phela njengokusho kwakho, wena weZulu. Mkabayi: Bala, nguwe Dingane! Dingane: Ndabezitha! Mkabayi: Hawu! Nangu noMhlangana umntanomfowethu omncane! Hawu! Mamo, namhlanje nihamba noMbopha kaSithayi induna enkulu kaShaka. Naphelela-ke namhlanje. Mkabayi: Ngenani, ngenani sixoxe. Indaba esegudwini isikhathi, isikhathi sincane. Dingane noMhlangana noMbopha: Ungasashongo Nkosazanayesizwe! Mkabayi: Qoshamani, nazi izigqiki, qoshamani. Isekhaya lapha, bantwana bomfowethu, qoshamani. Dingane: Sibonga umusa wakho nokuba usamukele wena weZulu. Phela sinoMhlangana, Ndabezitha, sithe qha, namhlanje asifeze njengokusho kwakho Ndabezitha silethe uMbopha kaSithayi, nikhulume naye, Ndaba, kahle mazinyo. Mkabayi: Impela, mntanami. Mbopha: Hawu, wena kajama, wena weZulu, Ndlovukazi kayiphendulwa kithi kwaMalandela, Ndabezitha. Mkabayi: Bafana bomfowethu, senike nakhuluma nje noMbopha kaSithayi nambonisa ukuma kwezinto lapha ezweni likaBaba? Senikhulumile? Mhlangana: Impela, impela wena weZulu, sikhulumile thina, Nkosazana yesizwe. Ngingathi nje-ke hhayi phela okwethu okungasho lutho njengoba thina sasivele sasho, Nkosazana yesizwe, sathi thina sibheke wena esikholwa ukuthi umehlo abuka kude kunawethu. Ngakho-ke singathanda ukuba kube nguwe okhuluma noMbopha kaSithayi, wena weZulu, umhlubele udlubu okhasini; sibeka kuwe, Nkosazana yesizwe. Mkabayi: Mbopha kaSithayi. Mbopha: Ndabezitha. Mkabayi: Mbopha kaSithayi. Mbopha: Nkosazana yesizwe. Mkabayi: Namhlanje-ke kwenzekile ukuba kuthi uyinja engelutho ube phakathi kwendlunkulu yakwaZulu. Mbopha: Yebo, Ndaba. Mkabayi: Namhlanje mfokazana, izindlebe zakho zizozwa izindaba ezijulile, eziyisifuba sendlunkulu, izindaba ezingabonwa zizwiwe ngumuntukazana abuye adle amabele anhlamvana kuleli zwe, ngimfunge impela emathambo amhlophe. Dingane: Ndabezitha, amahle kakhulu amagama akho Ndabezitha. Umtshele khona impela, wena weZulu, wena kajama, Ndabezitha. 127 Mkabayi: Ngalawo magama ngithanda ukukucacisela ukuthi namhlanje ifu lokufa liqoqene laba imbokodo phezu kwekhanda lakho. Lingahle liphahlazeke noma nini ufe. Namhlanje-ke ubukwa yizingane zamehlo, yingonyama yasendle engase igxume ihlale izithonto kuwe esijungujungwini, ufe, mfokazana. Mhlangana: Umhlubele udlubu ekhasini, wenawesizwe, ukuthi lokhu azokuzwa namhlanje kuyingozi eyesabekayo kuye. Uma ezokwenza ububhoxongwana ahambe empempeza izindaba zakomkhulu ematshwaleni, hho, nakho kuye. Dingane: Isifuba lesi Mbopha kaSithayi, uzwa kahle. Mbopha: Ndabezitha, ngiyezwa, wena kajama, Ndabezitha. Mkabayi: Mbopha kaSithayi. Mbopha: Ndabezitha. Mkabayi: Ngiyakholwa ukuthi usukutholile ngonondwezane ukuthi abantu bakaBaba kabaphathekile kahle yindlela uShaka aliphethe ngayo izwe leli. Nathi- ke thina bozalo lukajama sithe angeke sihlale sisonge izandla uShaka ebulala abantu bakaBaba bengone lutho. Wena-ke kaSithayi sifuna ubambisane nathi sitakule izwe lingafeli ubala. Mbopha: Ndaba omkhulu! Mkabayi: Ngiyanhlanhlatha yini bantabomfowethu, ngisangene? Mhlangana: Cha, cha, cha, neze! Dingane: Ndabezitha, wena weZulu, uhamba kuwo impela umgudu onambithekayo, wena weZulu. Futhi umtshele konke wangashiya lutho, wahluba udlubu ekhasini. Mhl angana: Ngempela ngempela, mfowethu, impela, wena weZulu, umgeqela amagula uMbopha kaSithayi, ngabe akanandlebe isibili, ngimfunge uSenzangakhona elele emathuneni. Dingane: Akobe uzwe kahle, mfokazana ndini! Mbopha: Ngizwile, Ndabezitha. Mkabayi: Mbopha kaSithayi, wena-ke engifuna ukwenze kuncane nje kuphela ngoba nguwena oyinceku enkulu kaShaka ehamba phansi kwakhe, futhi uwena okuthi nxa kukhala ibhungezi, esigodlweni, amabutho ehambile, usheshe ukwazi lokho. Ngifuna uvale umlomo wakho uvule amehlo akho, uthi ungabona kushaya umoya esigodlweni, uphuthume uthi galo yephuka uye koDingane noMhlangana uthi nje ‘kukhal’ibhungezi’, bese beqonda ukuthi uShaka uyedwana esigodlweni bayomvimbezela bamgwaze. Loko sikwenzela ukuba kusinde abantu bakaBaba ekubulaweni yize. Angithi uyezwa, Mbopha kaSithayi? M bopha: Ngiyezwa, Ndabezitha. Mkabayi: Uyezwa ukuthi ngithini kuwe? Mbopha: Ngiyezwa, Ndaba wakomkhulu. Wena weZulu, ngizwa konke

128 okushoyo kimi, wena kaMageba, wena mlomo ongathethi manga, ngizokwenza kahle kakhulu ngikufeze konke okushoyo, Ndlovukazi yesizwe, Ndabezitha! Mkabayi: Ungakhohlwa-ke Mbopha kaSithayi ukuthi konke okuzwe namhlanje kuyisifuba sendlunkulu. Mbopha kaSithayi, mangikutshele nje ngikumise ngesihloko ukuthi uma ufeze kahle wonke lo msebenzi engikuthume wona namhlanje, uyohleka kuvele elomhlathi njalo, ukhombe ngophakathi ngoba ngiyokukhulisa, uyoba mkhulu izwe lonke likuhloniphe, futhi ngikwakhele umuzi oyisidlidli uhlale ukhihlike ukleze nabantwana bakho, ube ngumnumzane omkhulu kuze kufike isikhathi lapho okhokho bakho abaphansi abayokubiza ngaso. Ngiyajabula ngoba ngikhuluma phambi kwanaba abantwana bomfowethu, oDingane noMhlangana. Nami uma ngizunywa ubuthongo bokugcina bakhona, angeke bakhohlwe ukufeza izethembiso zami kuwena. Dingane noMhlangana: Ndabezitha. Cha, angeke! Mkabayi: Sengiqedile-ke, Mbopha nawe Dingane ninoMhlangana. Nisebenze njengamadoda, nidode, bantwana bomfowethu, hambani ... Umxoxi: Hawu, emveni kwalo mbuthano, laba bobane bethunga isu lokugodusa iNkosi uShaka. UDingane wahleka kwavela elomhlathi ehleka yedwana ebona ukuthi akusensuku zatshwala aqhwakele ahlale esihlalweni sobukhosi kwaZulu. UMkabayi kajama nokho, kwakuhlale kuhlale ezwe kuthi he, uvalo kuye ngenxa yokuba wayesola ethi ewu, kazi sekwenzeka kuzwakale ukuthi bathunga imbenge yozongo lokubane bagoduse uDIungwane woMbelebele, ebese bevinjezelwa amabutho eNkosi ebusuku, bethungwa behlanganiswa namacansi belele. Ngenhlanhla nokho Iwaze Iwafika usuku olungaliyo. UShaka wayezihlalele nje emzini wesigodlo, ehlezi noMbuzikazi, umphinjeni, intandokazi, nayo ilo ishalushaluza phambi kwayo iNkosi nayo ibone ukuthi cha, umqamelo wayo phela. Kanti ayazi nje uDingane useyilalele izibatha zikaxamu nabangane bakhe. Ake umuzwe-ke, nangu exoxa eqeleni nabangane bakhe Umoya:izinyoni Mbopha: Hawu, Nkosi yami, wenaweZulu, selufikile usuku, futhi ithuba lanamuhla iconsi lomkholongo, Nkosi. Ngikhuluma ukuthi kukhala ibhungane esigodlweni seNkosi. UShaka - amabutho wonke aphakwe wonke ahamba ayohlasela - uhlezi yedwa nje kuphela. Dingane: Hawu, Mbopha kaSithayi, ukhuluma isiminya nje? Phela izwe libi, akusethembeki muntu muva nje, Mbopha. Kwazi bani? Mhlawumbe usinekela ilanga Mbopha, ufuna ukuyothi 'nampo baphakathi’ sithuke sibhokodwa ngemikhonto amabutho kaShaka. Kwazi bani? Mbopha: Hawu, Ndabezitha, ungakhuluma kanjani kanjalo, Nkosi yami, mina ngangivele ngikukhonzile ngikwazisa? Akukho muntu ongangigudluza kuwe Nkosi

129 yami Dingane ninoMhlangana. Awu, nina beNkosi, nina bakaSenzangakhona, ngingathatha ngithini kodwa? Mhl angana: Hawu, mfowethu Dingane, wakhuluma indaba yokwenekelwa ilanga ngezwa ngishaywa uvalo. Dingane: Habo, uthini uMhlangana? Mhl angana: Kodwa okaSithayi angalokotha enze into enjalo? M bop ha: Ngeke, Ndabezitha, ngeke. Mhlangana: Bengingathi nenkosazana yesizwe, uMkabayi, umethembise zonke izinto lapha ezinhle, wathi uyomkhulisa ahleke kuvele elomhlathi, angakwenza lokho? Mbopha: Hawu, qha, qha, qha, nina beNkosi kaZulu. Niyambona-ke uShaka, nanguya ehlezi yedwa ekupheleni kothango Iwesigodlo. Kakukho muntu, abantu bahambile bonke, bahambile, Ndabezitha. Dingane: Mbopha, wathi akukho muntu esigodlweni, nankaya amadoda amathathu eduze kukaShaka. Uthini, Mbopha? Mhl angana: Yebo, nawaya siyawabona nje! Mbopha: Hawu, nina bakomkhulu, hawu, ningesaba amatabunga, amakhehla angakayana? Lawa makhehla kade ethunywe emaMpondweni ukuyolanda ukhova wakhe uShaka phela. Akulutho lokhuya, sekugugile kufana nezingane ezincane ezikhasela eziko. Mina ngizofika ngikhuze iji, kubaleke konke lokhuya. Nina ngilandeleni ngoba ngifuna siqhamukele kuye uShaka: ngifuna nginele ngikhuze iji maqede nimthelekele ngamakhulu amawala, nimgwaze nimjuqe ngamajozi. Wozani, wozani nina bakomkhulu. (Basondele kuShaka) Iji, mugwazeni umthakathi! Balekani nina makhehla balekani, sukani lapha. Bamgwaze uShaka Umxoxi: Hawu, oMbopha noDingane noMhlangana baqhamuka nje esihlahleni iNkosi ihlezi ingalindele, ingazelele lutho. Bayigwaza bayithelekela kwathi niki. Kwathi lawo makhehla ayelande ukhova weNkosi le enhla nezwe, abaleka athwala izihlangu. Bamgwaza uShaka imikhonto yamnethisa okwemvula. Ewu, baligwaza iqhawe lamaqhawe, nokho bathi ngokuligwaza lagwija lathi gwijiji, lema laphaya kwafumaniseka ukuthi izitha sezilithelekele. Lathi lithi lithi naka naka kancane lilibangisa elawini lalo - esithi uma sibuka namhlanje sibone ukuthi omdala wayethi ulanda izikhali zakhe yini ngoba kwakuyiqhawe - kwafumaniseka ukuthi amandla asethenekile. Shaka: Awu, Dingane; awu, Mhlangana; awu, bafowethu, niyangibulala! Awu ngenzeni kinina, bafowethu, ningibulala njena? Awu, noma ngibulawa sengibulawa nanguwe Mbopha kaSithayi, uyinja yami ngikade ngikufuyile na? Mbopha: Lesi sandla sashiswa ngubani? 130 Shaka: Awu, awu, Dingane, Mhlangana, Mbopha kaSithayi nangibulala na? Niyangibulala. Nicabanga ukuthi niyolibusa yini leli? Hawu, ngeke nalibusa. Ziyeza izinkonjane ezindiza phezulu ezakhela ngodaka, yizo eziyobusa leli zwe. Mbopha: Hheyi, nisambuka yini? Mqedeleni! Habo, umthakathi Iona onenhliziyo embi angasibulala, mgwazeni! Dingane: Mqedeleni manje afe. Kuzoze kube nini sidlala uShaka? Mqedele! Mhlangana: Kahleni, kahleni, madoda, usephelelwe ngamandla manje useyafa. Hawu nangu esopha nasemlonyeni! Hawu, madoda kwenele. Dingane, nawe Mbopha, kwanele. Kulungile manje, myekeni, myekeni, bakwethu usefile. Hawu, sekuyisikhwehlela; myekeni madoda. Umxoxi: Lesi sehlakalo sokugoduka kweNkosi uShaka senzeka selibantu bahle ilanga, sekuntambama iNkosi ingalindele ingazelele. Kwathi ephuma uMbuzikazi, intandokazi, umphinjeni, kwase kusuke leso sidumo sedlula phandle. Wathi ethi phaka, wayibona iNkosi yamakhosi isidindilizile phandle. UMbuzikazi uyena owakhala waze waba nesilingozi engasavumi ngisho nokuthula. Mbuzikazi: (Ekhala) Hawu! Hawu Shaka, Nkosi yami yenhliziyo! Hawu, Nkosi yami yasemhlabeni! Hawu, qhawe lamaqhawe, Shaka kashayeki! Hawu, Shaka Nkosi yami, noma ungasangizwa, usucimezile okokugcina, ngiyavalelisa ngothando nangentobeko. Yebo uyangishiya, hawu, kuleli zwe. Pho kimi izwe lakwaZulu liyini ngaphandle kwakho Shaka? Hawu, ngiyohlala njalo ngeyami inhliziyo nomona ngikuthanda, ngikukhothamela, Shaka. Hawu, wena weZulu, kodwa bona abaphansi bathini ukudeda ugaselwe izimfamona ngalolu hlobo, Shaka? Nkosi yami, uhambe kahle, Lembe eleqa amanye amalembe. Qhawe lempi, hawu, gugu lamagugu, kimina noma usuthule ngingowakho. Hawu, hawu

Umxoxi: Hawu, nina beNkosi, elinye lamakhehla ayethunywe uShaka ukuba alande ukhova weNkosi lena enhla nezwe, labaleka liwela imifula lidabula izigodi nezigojana. Ladabula amaqele, laklaya izinkalo amagquma nezintaba liyobikela indunankulu yezwe, uMdlaka, ngesehlo esibuhlungu sokukhothama kweLembe eleqa amanye amalembe. Lathi liqhamuka lelo khehla ehlanzeni amabutho encenga indlela iyinde kushisa nelanga, lezwakala ngengila limemeza. Ikhehla: (Limemeza) Bayibulele iNkosi oDingane noMhlangana! Bayibule, bayibulele! Bayibulele iNkosi oDingane noMhlangana! Hawu, bayibulala iNkosi! Hawu, baze bayibulala oDingane noMhlangana. Bayinyonyobele ihlezi esigodlweni sayo kwaDukuza. Hawu, baze bayibulala iNkosi oDingane noMhlangana. Hawu bayibulala, hawu bayibulala iNkosi. Hawu, lafa elihle kakhulu, hawu, lafa, hawu, wasikholisa uDingane noMhlangana babulale iNkosi, basikholisa! Hawu, he! Hawu, uMbopha kaSithayi uyinyoka ngokubulala iNkosi

131 yakhe! Hawu, lafa elihle kakhulu. Ngiyazisa ngoShaka, ngiyazisa ngeqhawe lamaqhawe ... Umxoxi: Bala, nina beNkosi, ikhehla lawuhlaba umkhosi lawulawula. Lamemeza indaba lena yanda nomhlaba, yabhebhetheka kuhle komlilo wequbula. Abantu babenele qede bayemukele bayidlulisele phambili ngezingila nangamaphimbo bememeza, bazisa umphakathi ngokukhothama kweNkosi uShaka. Laphaya emuva esigodlweni lapho iNkosi yayiphangalele khona, ngosizo oluthize uMbuzikazi wakhombisa uthando olungabuni. Wasithatha isidumbu seNkosi wasigcina kahle, ngenhlonipho kwaze kwafika izinduna ezinkulu zakwaZulu, sisho phela oMdlaka noNzobo. Bona-ke oDingane uMhlangana noMbopha kaSithayi bakwenza maqede lokhu okubi kangaka bathi galo yephuka baya kocasha ehlanzeni ukuze phela udaba lolu lungasheshi luzwakale ebese lubanamathela ukuba kubonakale ukuba yibo abenze lobu bubi. Ekucasheni kwabo ebusuku baxoxa befakana imilomo benovalo. Imisindo yasebusuku Dingane: Mhlangana nawe Mbopha kaSithayi, ngithanda ukusho ngibonge kakhulu kinina ukubambisana esenikukhombisile. Hhewu, madoda, usufeziwe umsebenzi omkhulu osabekayo. Pho-ke nina manje nidala ukuba umzimba wami ungancibiliki. Madoda, ukuthula kwenu nibe ntshalantshala ngalolu hlobo nenziwa yini? Mhlangana: Wo, mfowethu Dingane, akukho lutho, wena kajama, ukuthi nje nami njengendoda ngiyacabanga ukuthi izinto zizoma kanjani manje njengoba oweZulu urnfowethu uShaka esekhotheme nje. Ungakhohlwa, mfowethu, ukuthi uShaka lo yigazi lami nawe futhi. Futhi-ke kukhona nabaphansi, mfowethu; kangazi ukuthi bathini manje ngale nto eyehlakele. Dingane: Wena, Mhlangana, ubuye uphathwe uvalo lobungane nje. Mhlan gana: Hhayi, mfowethu. Dingane: UShaka usefile manje, kayikho into azoyenza kithina, kuphela nje ukuba kuzilwe, kudlule, thina-ke bese siphatha ngendlela izwe likaBaba. Mhl angana: Sengathi kunganjalo, mfowethu. Dingane: Wena-ke Mbopha kaSithayi ... M b o p h a : Ndabezitha. Dingane: Wathula njena, ndoda? Mbopha: Kangithule, Ndaba. Dingane: Waqumbelana njena, kwenzenjani? Bhoboka Mbopha. Uthini wena? Mbopha: Hawu, Ndaba, kangithule, wena wakomkhulu. Mina Ndabezitha ngetshisa amagama endoda isibuka phesheya komfula kokhokho bayo. UShaka lapho efa ukhulume amagama namanje engithi uma ngiwacabanga, Ndabezitha, 132 angishayise ngovalo. Uthini uma ethi angeke salibusa na? Dingane: Hawu, Mbopha, akunto leyo, Mbopha, okudingeka ukuba ikukhathaze em oyeni. Mbopha: Ingishayisa uvalo, Ndaba. Dingane: Lokho kudalwa ukuthi uShaka ubesebona ukuthi useyafa. Mbopha: Amagama omuntu efa, mfowethu, anzima. Mhlangana: Esefa umuntu bheka-ke eseshiya ukubusa ngokubhensa kwakhe ebulala abantu ngeze. Dingane: Uthini uMbopha, Jama kekhona? Ukhona umuntu Mbopha ongabuswa zinyoni? Mbopha: Akekho, Ndaba. Dingane: Inyoni, Mbopha, imesaba kangaka umuntu, iyombusa ngoba kufe yena sekwesweleke umbusi yini? M b o p h a : Cha, Ndabezitha. Dingane: Nina, Mbopha, ninovalo emqaleni, angazi ukuthi ningamadoda anjani. Wena, Mbopha, kuphela bambelela kithina, wazi ukuthi usuyobusa njalo, ukhomba ngophakathi uze uye kokhokho bakho ubusa, Mbopha, kuphela. M b o p h a : Ndabezitha, wena kajama! Mhl angana: Cha, kunjalo, mfowethu Dingane, kodwa sengathi ukhulunyiswa ukungazi. Kukodwa sikhuluma sisodwa singamadoda. Uyabona mfowethu, uShaka ubeyiNkosi ngenkatho yabaphansi isibili. Ngike ngathi ukuhambahamba phakathi kwabantu ngihogela umoya nje, abantu bakhexe imilomo lapha phandle mfowethu. Bathi isidumbu sikaShaka sinjengalokhu ayenjalo esaphila, akukho manqe asondela kuso, akusondeli mankentshana imbala. Dingane: Uthini Mhlangana! Mhl angana: Akukaze kwenzeke into enjalo umuntu afe maqede adindilize nje angadliwa manqe, angadliwa mpisi nangamankentshane! Nake nakuzwaphi lokho? M b o p h a : Wena kaSenzangakhona, ewu, nami isibili ngikuzwile futhi ngazibonela lokho ngawami amehlo. Mhlangana: Ukuzwile Mbopha? Mbopha: Yebo, Ndabezitha, asazi ukuthi lokhu kuwuphawu oluthini. Mhlawumbe kasazi, sonile, amadlozi azosibulala silele. Hhayi.mina sengishaywa uvalo, nina beNkosi, hhayi, sengiyesaba mina .... Umxoxi: Yebo, nina beNkosi, nazo-ke izinduna zeNkosi uMdlaka noNzobo seziyizwile indaba yokukhothama kweNkosi. Mdlaka: Hawu, Nzobo, wena weqhawe, iNkosi yethu, iqhawe lamaqhawe selikhotheme.

133 N zobo: Hawu, kunjalo Mdlaka. Mdlaka: Nokho ngiyajabula ukwazi ukuthi isizwe sakwaZulu, iNkosi uShaka isakhe nathi sizinduna zakhe ezethembekile kuyona. Nzobo: Kunjalo khona. Mdlaka: Noma singasaphelele, uMgobhozi aya kwagoqanyawo nje. Nzobo: Uyabona, Mdlaka, ntanga kaMashinga, ukukhothama kweNkosi uShaka kungithukuthelisa ngale ndlela engeke impela ngayichaza. Mdlaka: Ngiyezw a. Nzobo: Abantu ababulele iNkosi ngoba igwaziwe, kababulawa ngani uma baziwa? Mdlaka: Hawu, Nzobo, indaba enjalo ingasusa uthuthuva phakathi kwezwe leNkosi ngoba sekuzwakele ukuthi iNkosi ibulewe ngabakayise. Ukungena izindaba ezinjalo zasendlunkulu abakhona bethule mhlawumbe kungaba ukuthatha ngesinxele. Yaneliswa nje ukuthi iNkosi izolondolozwa kahle ngesikhumba senkabi ibekwe endaweni yayo yomphumulelafuthi khona lapha kwaDukuza. Nzobo: Ngiyezwa, Mdlaka. Mdlaka: Umuntu uhlezi kuthi lapho kuthiwa ubangula ameva azose engaqondile; ubokubheka lokho. Nzobo: Kunjalo, bengingathi kunukwa amakhehla amathathu ayethunywe ukulanda ukhova weNkosi enhla nezwe? Mdlaka: Wowu, amakhehla! Nzobo: Uma kunjalo lawo makhehla kafunwa ngani siwabulale khona manje nje nje kusashisa nje? Mdlaka: Hawu, hhiya Nzobo, musa ukuzigwaza ngowakho, ungene izindaba zasendlunkulu ungumuntukazana; ungumuntukazana phela. N z o b o : lyangithukuthelisa impela mina, Mdlaka, le ndaba. Mdlaka: Ukuthi iNkosi igwazwe ngamakhehla, kwembeswa kuphela ihlazo lasendlunkulu. Kodwa ho, nanka amehlo ekhanda, yima ngiyoke ngibone ukuthi lowo ozobusa uzobusa kanjani emveni kokuba kade kuphethe iLembe eleqa amanye amalembe ...

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liyaphuma

134 14 MAZIBULAWEIZINSWELABOYA

A badla li:

Umxoxi Dingane Mhlangana Mkabayi Sithole Gwegweza

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liphume

Umxoxi: Sehle ngokhalo lapho sixoxa imilando yakwaZulu. Njengoba sesike saphawula ngokwedlule, sizolo sithi ukuthinta kancane mayelana nokufihlwa kweNkosi uShaka ngoba phela kuthintene kakhulu neNkosi uDingane kaSenzangakhona esixoxa kabanzi ngaye ngalezi zinsuku. Ngesikhathi kubuthene umbuthano wokutshala iNkosi uShaka kwaqhamuka uSithole induna eyabe iphethe isigodi esikhulu seNkosi uShaka. Le nduna yayimkhonze kakhulu uShaka. Kwathi ukuba kufike izigijimi kuyo zibika ukukhothama kweNkosi uShaka yashaqeka usizi. USithole Iona ufika lapha nje kubuthene umbuthano wokutshala iNkosi uShaka. Ihubo losizi Sithole: Mamoshane, imihlolayini yona lena? Nihlezi lapha nikhungethe izandla, nihlezi nezinswelaboya ezibulele iNkosi! UDingane Iona benoMhlangana baziwa nje ukuthi yibo ababulele iNkosi ababulawa ngani? Dingane nawe Mhlangana, nibulala iNkosi yami! Nenziwa umhobholo womona, zimfamona ndini, ngoba iNkosi yami iyiqhawe, seyakhe izwe lakwaZulu lalikhulu kangaka! Ningamavaka nje ningabusa bani nje nempela? Nenzani madoda? Mababulawe! Mazibulawe izinswelaboya lezi zidliwe zinyoni zezulu! Dingane nawe Mhlangana niyizinja! (Aphimise amathe) Kube khona ukuhhomuzela. Zimkhuze izinduna Dingane: Bantu bakaBaba, ake nithule nilalele. Mhlawumbe abanye benu bacabanga ukuthi lukhona lukhulu engizolwenza kuSithole ngenxa yala magama 135 akhe. Qha, angeke ngimenze lutho uSithole. Phambi kwenu nonke uSithole ungethukile wangenza ize leze. Kodwa ake nikhumbule, Zulu kaMalandela, zolo lokhu unya uShaka abeniphethe ngalo. UShaka ubesebulala abantu bengone nolunci, ukuthula kungasekho kwaZulu, kuphilwa ngokuhlasela kuphela. Abafazi bethu nezingane zethu besingasabazi ngenxa yenqubo kaShaka. Bese ngikhathele abantu befika kimina ngasese bethi kodwa ngithule ngithini uShaka ebulala izwe na? Engikwenzile, Zulu kaMalandela, bengithi ngikwenzela nina. Kodwa uma sekuvela izinkulumo ezifana nalezi zikaSithole ngiyadumala ... Mhl angana: Ngingakunqumi ulimi, mfowethu Dingane. Bantu bakaBaba, ningakhohlwa ukuthi sonke sizalwa nguSenzangakhona; uShaka Iona olele lapha phansi namhlanje ngumfowethu. Kube buhlungu kithina bozalo lukaSenzangakhona ukuba siphakamiselane izikhali ngalolu hlobo. Kodwa bese sigajwe ngamanzi ezinkathazo nobunzima uShaka abebubeke phezu kwamahlombe abantu bakaBaba. Nina laba, thina sizoniphatha ngokuthula, ngokunicabangela, nihlale ngokuthula nabafazi benu nezingane zenu. Udledledle lokuhlasela impakanamalanga, bakwethu, kuphelile namhlanje. Kodwa thina sinoDingane besazi kahle ukuthi ngenxa yalokhu esikwenzile singaya kwagoqanyawo mbala. Kepha sifakane imilomo sabonisana ukuthi impilo yethu noma ingashabalala ngenxa yokuba sizama ukunilethela impilo engcono, kakunani. Pho, bantu bakaBaba, ningakusho kanjani lokhu okushiwo nguSithole phambi kwenu athi sizinswelaboya? Sithole: Nina nibulele iNkosi yethu singazi thina, iNkosi esibusayo. Niyibulalelani iNkosi ningasitshelile thina bantu bayo na? Ngiyabuza. Ukuthi nizinswelaboya kufanele ngisho. Dingane: Bantu bakaBaba, uShaka ubebulala abantu zonke izinsuku. Ulukuluku lokubulala abantu belungeke Iwaqedwa muntu kuShaka. Kasimbulalanga thina uShaka ngoba sifuna ubukhosi njengoba abaningi benu becabanga, kungoba besisiza nina, sifuna kenizwe ukuphila impilo enhle yomnethezeko ningakayi kokhokho benu. Mhlangana: Kunjalo, wena kaSenzangakhona. Laba bantu abebebuswa nguShaka izwe lakwaZulu balilwela ukuze libe yinto eliyilo namhlanje. Pho izfthelo zobuqhawe babo bebezoze bazidle nini uShaka ebahushulisa onke amaqele lana behlasela bevika izingwe nezingwenya impikanamalanga? Hhayi, bantu bakaBaba, bhodlani, nina beqhawe, simtshale nangu umfowethu uShaka. Ngokuhle asenzele khona siyambonga kakhulu, kodwa lokho kakusho ukuthi makacekele abantu bakaBaba phansi ababulalele ize. Qha! Sithole: Zulu kaMalandela, nami kangithandi ukuphika. Ngiyezwa ngoba kangisilo itshe. Bengingezwani nokubulawa kwabantu nguShaka. Kodwa bakwethu ukufa

136 kweNkosi enkulu kangaka ife kabuhlungu ngalolu hlobo sikhona singabantu bayo kuyasithinta. Nokho sengizopheza khona lapho ngokukholwa ukuthi kube ngentando yamadlozi. Ukuvungama kokumvumela uSithole Umxoxi: Esinye isehlakalo esibalulekile ngesikhathi iNkosi uShaka etshalwa kwaqhamuka imbongi yakhe uGwegweza weza eseqa izihlahla ekhala ekhihla isililo esimangalisayo. Gwegweza: Hawu, ngiyazisa ngeLembe eleqa amanye amalembe, iNkosi. Shaka kaSenzangakhona, Nkosi yamakhosi okhombe ngejozi, wakhomba ngejozi indlela izihlwele zamaZulu zayilandela Shaka omnyama, Dlungwane woMbelebele ngikhihla isililo Shaka, ngikhihla isililo sokukhothama kwakho ngoba namhlanje isizwe samaZulu sisele ze. Kusho mina nje namhlanje kusho mina nje nezibonakaliso zokusalaze zosho ngomuso. Mhlangana, Dingane nibulala iNkosi yami niqalekisiwe phambi kwamadlozi akoMalandela, ningibuze, ningibuze ningiphale ulimi. Angifuni ukubuswa zinswelaboya Mina. Mina ngibulaleni, Dingane, njengoba nibulale iNkosi Yami. Umxoxi: Lesi senzo sikaGwegweza sashaqisa wonke umuntu owabe ekhona emcimbini wokutshalwa kweNkosi yamakhosi uShaka. UDingane noMhlangana kabachithanga sikhathi. Wanele walikhipha uGwegweza ukuthi ufisa ukubulawa afe neNkosi yakhe ngoba engathandi ukubuswa zinswelaboya, uDingane noMhlangana badumela imikhonto yabo bamgwaza ngokuphangelana uGwegweza waphoswa ngaphandle zamudla izinyoni zezulu. Wafa uGwegweza efela iNkosi yakhe uShaka, iNkosi ayeyikhonze kakhulu. Hhayi-ke, emveni kokuba iNkosi uShaka esetshaliwe, uMbopha kaSithayi wakhuliswa waba yisikhulu esiphakeme ezweni. UDingane noMhlangana bahamba bayohlala esithe ukuze babonisane kahle ngesimo sezinto kwaZulu. Nampa behlolile. Mhlangana: Mfowethu Dingane, mina phela ngibone usungidonsa nje uhamba nami ukuba sizohlala kulo muzi wamakhosi omdala osesitha. Sekuphele izinsuku ezimbili manje sihlezi lapha. Kanti, mfowethu, siyoya nini phela koweZulu uMkabayi kajama sizwe ukuthi iNkosi ezothatha isikhundla sikaShaka kuzoba ngubani phakathi kwethu na? Dingane: Qha, mfowethu Mhlangana, uyabona, ngike ngaba nokubonisana okuthize phakathi kwethu sinoMbopha kaSithayi. Uyabona mfowethu, leyo nja enguMbopha ihlakaniphile ngempela. Ingibonise into ebengingayinakile m fowethu. Mhlangana: Hawu, mfowethu Dingane, watusa uMbopha kaSithayi ngalolu hlobo! Usho ngani ukuthi uhlakaniphile? Ngibuza nje, mfowethu, ngimangele ukuzwa ukuthi kanti uMbopha usekhule waba yisikhulu sombuso wakwaZulu.

137 Manje kungani konke lokhu, mfowethu? Ngase kube kungoba sabulala naye uShaka eseqede izwe likaBaba ngejozi? Dingane: Mfowethu Mhlangana, ngingathanda ukuba igama likaShaka linciphe emlonyeni wakho. Kuyingozi mfowethu. Uyabona leya nto eyenziwe nguGwegweza akhalele uShaka ngaloluya hlobo ingithintile. Kuthe kanti kungithintile ngezwa sengilunywa indlebe nguMbopha ukuthi thina sinawe masizohlala lapha esithe isikhashana kekudamuke umoya wothuthuva kubantu ngoba kasazi ukuthi bangaki oGwegweza abakhona phakathi kwabantu abacashile abaqonde ukuqhamuka ngoba besithunga namacansi silele, mfowethu. Kungakho-ke nje ngithi uMbopha kaSithayi uyindoda ngoba uyakwazi ukucabanga nokubona ingozi engase ivele. Mhlangana: Qha, kuyezwakaia, mfowethu, futhi kuyakhanya. Enye into ebengifisa ukungikhanyisele yona ukuthi kanti iNkosi lena yona ibekwa ngubani uma sekumnyama kanjena. Yebo, niyakwenza konke enikwenzayo, kodwa angizwa ukuthi iNkosi yona ibekwa nini phela ngoba isizwe angeke sahlala isikhathi eside singaholwa muntu. Dingane: Nami, mfowethu Mhlangana, kangiqondi kahle. Uma ngibuka nje kuzoba sezandleni zeNkosazana yesizwe samaZulu, uMkabayi kajama. Kodwa-ke ngangiye ngizwe kuthiwa iNkosi ikhethwa zinduna zezigodi ngezigodi zesizwe. Namuhla angazi-ke ukuthi kuzohamba kanjani ngoba lezo zinduna ezikhona zikaShaka ongasekho la zikhona izinhliziyo zazo zikhala igazi ngoShaka. Ngiyazi kuzo zife olwembiza ngoShaka ngoba nakho phela beziqhwakele zingadli lutho olubabayo. Mhlangana: Uthini wena kaSenzangakhona? Uthi ukhona umuntu onganhliziyombi ngokufa kukaShaka ekade eganga ngabantu phambi kwabo ngalolu hlobo? Dingane: Yinto esemuva kakhulu leyo oyikhulumayo mfowethu. Abanye abantu into uma ingabancinzi bona sikhumba sabo kabanandaba, abazi nanyaka, akukhathalekile ngisho leyo nto ingambi, ikhohlakale kangakanani. Mhlangana: Noma kunjalo, mfowethu, ngoba nakhu uMbopha useyisikhulu esingaka ezintweni lapha kwaZulu ngiyethemba ukuthi kakukho okungadla abantwana ekhona uMbopha. Asazi-ke mfowethu, kazi zona izinduna lezo kanye noMkabayi bayokhetha bani, ngani na? Dingane: O hhiya, mfowethu, kakuyona into leyo odinga uzihluphe ngayo. Ukukhethwa ube yinkosi yezwe, mfowethu, yinto emiswe ngabaphansi. Kungakho-ke nje kuthi noma ubufanele ungakhethwa kodwa ungalokothi uvuse umhlwenga ngoba ngabe uvusela abaphansi isibili. Mhl angana: Asazi-ke, mfowethu, zinqunywa amakhanda zishiywe wena

138 kaSenzangakhona. Nokho ngingalisika nje elijikayo ukuthi lesi sikhundla, mfowethu, kakusona isikhundla somuntu ongejwayele impi futhi ongakaze ahlabane. Uma lesi sikhundla singathathwa ngumuntu ongakaze ahlabane abantu bangaphuza ngaye amatshwala bese bethi: 'Wo lafa elihle kakhulu. Sesibuswa yivaka. Yeka uShaka iLembe eleqa amanye amalembe, iNkosi yensizwa eyabe iliqhawe’. Ngisho ngoba izwe lakwaZulu lidlondlobele kanjena nje linezitha okuzothi zingezwa ukuthi iNkosi eyiqhawe isikhotheme zizilahle amathambo zigasele. Dingane: Hhayi, mfowethu, ngiyezwa. Into nje sengathi sesizophetha ngokuxoxa izindaba ezingaphezu kwethu. Masiyekele izikhulu nale ndaba ... Umxoxi: Le nkulumo kaMhlangana, eyikhuluma eyibhekise kumfowabo uDingane yafana neva elihlabe lephukela kuDingane. UDingane kwamkhanyela ngokusobala ukuthi kanti uMhlangana uqonde ukububanga ubukhosi lobu ngoba ethi yena uyiqhawe elaziwayo elake lamhlabanela uShaka. UDingane wayezazi ukuthi uyesaba yena ukubhekana namajozi abafo. Kwakuthi kuhlaselwa acashe ezihlahleni ayilinde impi isibuya abuyisane nayo. Kanti uMhlangana wayeyithanda impi. Kuthe langathize uDingane wafuna isithuba wahambela uMkabayi kajama babuyekeza kahle ngasese konke okwehlakele. Izinja Dingane: Mamoshane, ayisuke - yenzani uZondabantu? Kayisuke, yenzani? Mamoshane, ayisuke uZondabantu! Mkabayi: Hawu, mntanomfowethu, Dingane, kanti izinja lezi zihhahhamuza wena lapha phandle! Inja inesiko eliyinqaba ngoba noma ubuthi ikwejwayele kodwa isuke ibuye ikuphendukele nje. Dingane: Hawu, wena weZulu, kasikhulekanga nokukhuleka uZondabantu ethi ngilapha. Uxole wena kaPhunga, wena kaMageba, ngingumntanakho njalo oyohlala ekukhonzile njalo kuze kufike isikhathi sokuba abaphansi bangibize. Ngalawo magama ngithi mana njalo, wena kaPhunga, ube ubhaqa olungafiphali njalo phambi kwesizwe sakwaZulu! Ndabezitha! Nkosazana kaZulu! Mkabayi: Hawu, Dingane, mntanomfowethu, wangibingelela ngamagama amakhulu angithintayo adala ukuba ngifune ngomqondo. Yini Dingane, kwenzenjani? Dingane: Hawu, wena weZulu, ngizothi kakukho lutho ngoba noma ngibona ngizulelwa ngamanqe noma kuqoqana ifu elibi phezu kwekhanda lami mina ngibheke wena kuphela, wena weZulu. Mkabayi: Wo, sengibona ukuthi ushaywe uvalo ngoba ubona amavukana lawa ethanda ukuba so limnjonjo esikhundleni lesi esishiywe nguShaka. Ngoba ngiyacabanga, mntanomfowethu, lokho ngangivele ngikulindele futhi

139 ngikuhlomele. Mina ngifuna ungiphuthume ungixoxele kahle ngendaba yokukhothama kukaShaka nanokuthi nimfihle kanjani. Dingane: Ngiyanxephezisa wena weZulu. Kuya ngokuthi indaba eningi esematheni ukukhothama kukaShaka. Bengithi-ke mhlayimbeni usuyizwile ngoba mhla etshalwayo ngazibona izinceku zakho ezimbili. Nokho-ke kakukho okusha wena weZulu. Sahamba phezu kwamagama akho ukusuka nokuhlala. Sathatha senzenje wena wezulu ... Umxoxi: Nebala ayithathe phansi yonke uDingane indaba yokugwazwa kukaShaka nguye noMhlangana noMbopha aye aphethe ngokutshalwa kwayo iNkosi, athinte nasemagameni amhlabayo kaSithole aye afike nasesenzweni sikaGwegweza sokuzidela amathannbo athi makabulawe ukuze ayobuswa nguShaka kwagoqanyawo. Mkabayi: Nenze kahle impela ukuba nimbulale uGwegweza ngoba ubesezibonakalisile kinina ukuthi uyisitha. Naye uSithole lowo uyingozi kinina ninoMhlangana; ngabe kuhle ukuba nimgudluzile endleleni njengoba nenzile nje ngoGwegweza. Dingane: Nami ngike ngakucabanga lokho kodwa ngabuka ukuthi hlezi abantu bandise izindaba zokuthi kanti nathi sifana naye uShaka ongasekho, sisebenzisa izikhali, wena weZulu. Mkabayi: Nami ngiyakubona lokho, into nje ngenziwa ulaka ngoba uSithole w edelele. Dingane: Hawu, wena weZulu, okunye kuyabukwa kuyekwe nje, Nkosazana yesizwe, ngoba inja angeke uyiyekise ukuhhewula nokukhonkotha, wena w eZ ulu. Mkabayi: Qha, sengathi konke kuqhubeke kahle kakhulu njengoba ngangishilo, mfana wami. Ngiyamthanda-ke mina umfana okuthi nxa ngimyalele amazibuko okuwela awele kusashisa. Uyindoda impela, Dingane. Sengathi nombuso wakho uzoba muhle ngoba uyangilalela Dingane. Dingane: Ngiyawabonga lawo magama, wena weZulu. Mkabayi: Dingane, ngesikhathi ufika lapha, mntanomfowethu, ukhulume amagama amakhulu waze wakhuluma ngefu eliqoqene phezu kwekhanda lakho: yini Dingane? Kwenzenjani? Ubonani? Uzwani? Dingane: Hawu, wena weZulu, wathinta lapho engithanda khona-ke manje. Ngibuka ngibuke wena weZulu kube sengathi kukhona uthuthuva oluzobheduka lombango phakathi kwami noMhlangana. Mkabayi: Hhayi, abaphansi kabakangamuki isipho sokubona imfihlakalo. UMhlangana kwenziwa konke nje ngiyambona ukuthi uzophetha eyinkathazo. Kodwa-ke ngoba sengizwile ngiyazi ukuthi ngizomenzenjani. Qhuba udaba

140 ngizwe Dingane, ukungitshele ukuthi wena ngokwakho usolani kuye. Dingane: Hhayi, besihlolile wena weZulu sinaye sixoxa nje ngesimo sezinto. Imibuzo yakhe yonke ithanda ukwazi ukuthi iNkosi ezothatha isikhundla sikaShaka izokhethwa kanjani na? Okukhona kungisuse phansi ukuze nginyenye ngize lapha kuwe, uMhlangana uthi inkosi ezothatha isikhundla sikaShaka kufanele kube yiNkosi esike yahlabana ezimpini. Uyazi-ke wena weZulu ukuthi angizwani nokulwa ezimpini ngibulale abantu bengenze lutho. Mkabayi: Uthini uMhlangana uma esho njalo? Kanti uShaka nimbulaleleni? Kanimbulele ngoba ebulala abantu? Ufuna ubukhosi kanti uqonde ukubulala abantu! Kulungile, soyicela ivuthiwe. Wena shaya sengathi kawumuzwa, ulalise umhlwenga uthule uthi du. Hamba-ke ...

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liphume

141 15 INKUKU NEMPAKA

A b a d la li;

Umxoxi Dingane Mhlangana Mbopha Zacaca Mkabayi

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liphume

Umxoxi: Imilando YakwaZulu! Yebo nina beNkosi, kwefile inyanga saphetha uDingane noMhlangana bexabene kabuhlungwana bebanga phela ukuthi uDingane usuke weqiwa ngamabele egayiwe wadakwa wathatha isihlangu somfowabo uMhlangana engasiboni. Ngalezi zinsuku uDingane noMhlangana bazondana inkuku nempaka isibili. Phela babanga isikhundla sobukhosi kwaZulu njengoba nazi iLembe eleqa amanye amalembe labe selikhotheme. Ake sihambele elawini likaDingane kesizwe ukuthi wenzani oweNkosi na. lzinkomo:izinja Mbopha: O, Ndabezitha, wena kaNdaba, yimi Nkosi uMbopha kaSithayi okukhonzile, Ndabezitha. Ngiyakhuleka wena wohlanga ngicela ukuba nje sihlanganise amehlo, wena kaSenzangakhona! Dingane: Hawu, nguwe lowo, Mbopha kaSithayi? Ngena lapha, Mbopha sihlale sixoxe, ndoda yamadoda, nezwe libi ngalezi zinsuku izitha zethu zisihaqile kakhulu, wena kaSithayi. Ngena uhlale uqoshame, wena kaSithayi. Mbopha: Hawu, ngiyabonga, wena kaSenzangakhona, ukuba ungemukele ngalolu hlobo. Engithi-ke nami ngisenethemba impela ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba ngumuntu ukuba ngibone umuntu omkhulu kangaka ngokwami, umuntu omiselwe ngenkatha yamadlozi ukuba aphathe abantu bakaSenzangakhona. Nkosi yami, ngidlula lapha nje ngithi ake ngiphose iso ngoba sekuzinsukwana ngibeke indlebe ukuthi uyangibiza noma uthini, sengithi angivele ngoba hleze kwenzeke ukuba kanti unomkhuhlane.

142 Dingane: Hawu, mntakaSithayi, bengingabuye ngibonwe ngubani uma ngingabonwa nguwe, mntakaSithayi? Hhayi, ngoba uyangithanda yini wena! Futhi wena Mbopha kaSithayi lolu thando ongithanda ngalo ngifuna ukuba uvune kuvame ngalo ngolunye usuku. Mbopha: Ngiyathokoza, mntakaSenzangakhona, uma ngikuzwa ukhuluma kanjalo. Nami ngishaywe uvalo ngezwa umzimba ungishiya ngokuthi ngahle kwenzeke ngiqinisele kanti uphethwe ngumkhuhlane, wena kaSenzangakhona. Dingane: Hhayi, Mbopha kaSithayi, ubona ngizivalele lapha endlini nje, wena kaSithayi, kwenza ngoba uchuku kangiluthandi. UMhlangana lapha kulezi zinsukwana wagasela wangena lapha endlini wafike wangethuka ngazo zonke izilwane nenhlamba ayaziyo emhlabeni. Waphetha ngokunginuka ukuthi ngingumthakathi. Mbopha: Hawu, Ndabezitha, uMhlangana umntakayihlo angakukhuluma kanjani kuwe lokho na? UMhlangana kazi yini ukuthi angadliwa izinkomo eziningi ngokuthuka inhlamba futhi eyithuka kumuntu wohlonze olungangolwakho na? Kodwa sona isisusa sale nhlamba sidalwe yini? Dingane: Hawu, ihlazo leli, wena kaSithayi. Ngifike ngaba semsindweni lapha kulezi zindlu ezingasenhla naye-ke uMhlangana ekhona. Ngithe sengingasaboni emehlweni ngamabele egayiwe ngathi ngithi ngithatha isihlangu sami kanti sengrthatha esikaMhlangana. UMhlangana usengethuka uthi ngangiyoselapha isihlangu sakhe. Ngilapha nje ngishaqekile, wena kaSithayi, nokudla kakungeni. Manje senginele ngiphumele phandle abantu bangikhombe ngezithupha angazi futhi ukuthi kanti lokhu kusho ukuthini na. Mbopha: Hawu, mntakaSenzangakhona, uvelelwe insambatheka emhlabeni kayihlo wena weZulu. Kodwa, Nkosi, kade ngangilokhu ngisho ukuthi uMhlangana Iona ingozi eyesabekayo kuwe, Nkosi. Ngakutshela ngathi lowo owagadla kuqala komunye nguyena oyoba iNkosi yakwaZulu. Lo moya wempi uMhlangana awukhombisa kuwe, mntakaSenzangakhona, kawungiphuzisi manzi neze mina. Impela uma ungayisukumeli phezulu le nto angazi ukuthi izwe lizokwenzenjani ngoba lizozwa amanyala. Futhi-ke mina angizwani neze nomuntu owenza izinto eziphambene nokulunga. Le nto ayenzile ingidine ongangoba angisafuni ngisho ukuba uMhlangana Iona angibheke ngamehlo. Dingane: Ngiyakuzwa impela, Mbopha, ukhuluma indaba enkulu. Pho ngingathini, mfo kaSithayi, ngoba phela nami ngibheke ubabekazi uMkabayi kajama ngoba nakuye ngake ngathi fahla ngasese ukuzondeka kwami lapha kwaZulu, kodwa yena wathi mangingatatazeli neze, mangibheke yena, uyazi yena? Angazi-ke ukuthi waluka yiphi imbenge lena okuthi ngikhala ngibona ifu elibi lizongisibekela kodwa yena athathe kude ngalolu hlobo.

143 Mbopha: Impela, mntakaSenzangakhona, angazi ukuthi yena uMkabayi kajama uyibuka ngamaphi amehlo le nto engiyibona mina iyingozi eyesabekayo. Uyabona impela, Ndabezitha, uma uMkabayi engenzi lutho kulezi zinsukwana sesiyodinga senze esikubonayo ukuze sipheze nansi ingozi isibuka ngoklulu. Dingane: Hhayi, impela le nto oyikhulumayo iyiqatha elingimi emphinjeni; angazi ukuthi ngizokwenzenjani ngoba angikwazi ukuzenzela izinto. Kodwa-ke ake unginike ithuba kengihlaziye, ngiyobuye ngikutshele ... Umxoxi: Kanti ukhuluma kanjena nje uMbopha kaSithayi uMhlangana nomngane wakhe uZacaca sebebophe isu lokumgodusa labopheka. UZacaca lokhu phela wabe ethunywe ukuba agoduse uDingane kaSenzangakhona ukuze uMhlangana athole ithuba elihle lokuqhwakela esihlalweni sobukhosi kwaZulu. Ake sizwe-ke ukuthi uZacaca noDingane baxoxa bathini. lzinkomo:izinja Mhlangana: Hawu, lapha, Zacaca, mngane wami wezikhumba, ngiyathokoza ukukubona ndoda yamadoda ngoba phela yilo sigcinene nawe kuthangi kwakuthangi, nakho kukhona uMpini lowo owangishiya naye ngimthuma ukuba angenzele umsebenzi wesifuba wokugodusa umfowethu uDingane kaSenzangakhona. Zacaca: Kunjalo kakhulu, wena kajama. Nami ngingena lapha nje ngithi ake ngizidlise satshanyana ngibone ukuthi angeke yini iNkosi yami engiyikhonze kakhulu, wena Mhlangana kaSenzangakhona, angeke yini ungethembe ngizwe ukuthi lisu lini elabe uligodlele ukulinika uMpini na? Mhlangana: Qha, Zacaca, mngane wami omkhulu, akukho lutho olutheni. Kwenzeke kanje, kuye ngokuthi mina ngike ngahlala kakhulu noDingane umfowethu. Ngiyamazi ukuthi ukhonze kakhulu ukuphuza utshwala ngisho eseyolala. Manje-ke ngithe ukuba ngikhumbule lokho ngakhumbula futhi ukuthi uphumela futhi ukuyochitha amanzi ebusuku. Ngikhulume kahle kakhulu sinoMpini lapha sobabili ngenzela ukuba azi ukuthi kakho omunye oqonda ngalolu daba. UMpini-ke ngimhlomise ngomcibisholo obukhali ngathi makaye kolala izibatha zikaxamu kude buduze nelawu likaDingane. Ngathi anele ambone nje amthunge isisu ngomcibisholo. Awubheke mntakaSithayi, lo muntu ngamethembisa kakhulu ukuthi ngiyomkhulisa uyokuba mkhulu kuleli zwe. Hawu, Zacaca ngahlalela emathembeni anjani, hawu, kanti kangibonanga, ngithe ngithi ngiyashaya ngashaya isithunzi, umuntu wazihambela njengalo enjalo, Zacaca. Zacaca: Hawu, Ndabezitha wakhuluma kanjena? Kanti yena wenzenjani lokhu wawusumlayele kahle kangaka nje? Futhi-ke nakhona emnyameni kulula ukubona uDingane ngoba unesisu esikhulu, kulula kakhulu ukumqhumbusa isisu. Mhl angana: Ufika nje uMpini kade ekhona khona lapha sikhuluma yona leyo

144 ndaba. UMpini uthi uhambile-ke wafika khona wabanda kahle kakhulu. UDingane waphuma wambona. Uthi uthe uyamciba wageja. Hawu, esefikile wahluleka ukwenza into elula kangaka. Hawu, kwafumaniseka nje ukuthi ngithume isifede uqobo Iwaso umuntu ozikhali zakhe zeqiwa ngodadewabo. Awubheke, Zacaca, ngabe sesiwele ngelibanzi izibuko. Ngabe nje sekuyimi iNkosi yakwaZulu, ngisho nakhona manje. Zacaca: Hawu, yabuhlungu kakhulu leyo ndaba, Ndabezitha. Nokho-ke, Ndabezitha, indaba usuyethule kimi nje, Nkosi, nami ngizolala ubuthongo benyamazane ngingalele ngicabanga ukuthi konje singamisa kanjani ukuze leli vaka lokudalwa elinguDingane ligudluke endleleni, wena kaNdaba. Mhlangana: Ngithokoza kakhulu ukuzwa ukhuluma kanjalo, Zacaca. Nami uqobo ngikhuluma nje ngizocabanga kakhulu ukuthi manje ngingagadla ngithini kuleli vaka elinguDingane. Ngiyazi ukuthi nalo la likhona leleka awalo amasu okungenza kabi. Ukuthi nje isibindi anginaso, uma benginaso bengizomsukela ngimbhokode ngejozi emini kwabha. Kodwa angithandi ukukwenza lokho ngoba hleze kunukubeze igama lami, Zacaca. Umxoxi: Kanti oMhlangana nomngane wakhe omkhulu uZacaca bakhuluma kanje nje nebala uDingane kalele neze; yena-ke ucabanga asukumele phezulu. Kuthe •ukuba lishone ilanga uDingane weqa lapha enxulumeni labantwana wanikela eMbelebeleni umuzi wobukhosi lapho kwakuhlala khona uMkabayi kajama. Kukhonkotha inja Dingane: Hawu, ayisuke! Yenzani? Ayisuke! O, wena kajama, wena kaPhunga, wena kaMageba, ngiyakhuleka, wena weZulu, ngicela ukuhlanganisa amehlo wena omehlo kabhekeki ayahlaba kuhle kwemisebe yelanga. Mkabayi: Hawu, ubani Iona okhuleka ebusuku kangaka emzini wami? Ungubani wena? Sidumo sini lesi esidala ukuba uzongithikameza ngiziphumulele ngicabanga izindaba zezwe likaBaba? Dingane: Ha, wena kajama, yimi indodana yomfowenu uDingane, wena kajama. Ngihambe ubusuku ngenxa yohlonze lodaba engize nalo ukuzolwethula phambi kwakho, wena kajama, ungangilahli, ngiyingane yakho ebhibhidla amathe, kakukho engingakwenza ngaphandle kwakho. Ndabezitha! Mkabayi: Hawu, hawu, ngaze ngathokoza webantu. Kanti nguwe , Dingane mntanomfowethu? Hawu, ngane yami, kodwa usuthule nje ungasasho ukuthi nguwe ngize ngicishe ukufudumala ngikhulume amagama aziswana ungasho, mntakaSenzangakhona, ukuthi nguwena, kodwa yini, Dingane? Dingane: Hawu, wena weZulu, ngiyazi yini? Into ngethuke kakhulu ngoba izinto zimbi kakhulu eSiphezi lapho ngihlezi khona ngokwakhelana nomfowethu uMhlangana. Ngihambe ebusuku nje kuya ngokuthi sengibona ukuthi impilo yami 145 izulelwa ngamanqe, wena kaPhunga, wena kaMageba. Mkabayi: Hawu, Dingane, wangethusa, ngane yomfowethu? Sekubuye kwenzenjani phela ngoba mina bengisathi ngipholisa amaseko emveni kwesidumo leso esikhulu sokugodusa oweZulu uShaka na? Ngoba ngilapha eMbelebeleni senisale eSiphezi nathola insunguzi yokugila imikhuba ningasathathele kimi? Dingane: Hawu, wenaweZulu, kakunjalo, wena kaNdaba. NguMhlangana Ndabezitha osephendukile, futhi sengathi ushiselwe ngami, Kuthi kungashona ilanga Ndabezitha ngishaywe uvalo kuthi mangiwe phansi, wena wohlanga, ngoba ngingaqondi noma kuyosa ngisawadla yini amabele anhlamvama wena w eZ ulu. Mkabayi: Hhayi, ayimnandi le ndaba oyikhulumayo, Dingane. Hlala nje uzinze udaba uiuthathe phansi ungixoxele ukuthi lokhu kuxhuxhuma okuxhuxhumayo kunambinyani na? Dingane: W enaweZulu, wena kajama, wena ongumlomo neso labaphansi koMageba. Wena weZulu, ngingakasho lutho ngithanda ukusho ukuthi mina ngibheke wena futhi ngethembele kuwena emhlabeni, kakho omunye wena weZulu. Uma ngingalahlwa nguwe ngingamane ngeduke nezwe ngibe ngumhambuma okungenani ngiphethe ngokunephulwa zilwane zasendle kube kuphela. Hawu, mntakajama, ungangilahli, wena kajama. Mkabayi: Hawu, Dingane, kahle ukukhalisa okwenina wena. Mina ngisafuna ungitshele ukuthi washabasheka njena yini, kwenzenjani, ukwenzeni uMhlangana na. Dingane: Wena weZulu - Nkosazana kaZulu! UMhlangana okokuqala kuthe emsindwaneni obukhona laphaya ekhaya saphuza utshwala kwaphetha ngokuthatheka kwesihlangu sakhe; kuthe sizithatha kwazise ukuthi ngabe ngisuthi. UMhlangana wagasela elawini lami wangethuka ngayo yonke inhlamba embi waphetha ngokunginuka wathi ngifuna ukwelapha isihlangu sakhe, kwaphela lokho-ke, wena weZulu, kodwa ngathukeka phakathi kwabantu ngaba ngumthakathi nesela ngokuthatha ize leze ngesiphosiso, isihlangu sikaMhlangana. Mkabayi: Hawu, mfana wami Dingane, senixatshaniswa ize leze kamuva nje! Senalana kuhle kwenkuku nempaka kamuva nje! Kulungile, Dingane mfana wami, landa. Dingane: Okubi kakhulu, wenaweZulu, okwenzeke nje kuthangi nakhu mntakajama. Kuthe ebusuku ekuseni kokusa ngithi ngiyakochitha amanzi, wena weZulu, ngavika umcibisholo oze ngamandla amangalisayo. Lo muntu ubeqonde ukungiqhumbusa isisu, wena weZulu. Nami ngisikhwece isisu sami lesi esimnyana ngasinda ngokulambisa, wena kajama.

146 Mkabayi: Nalokhu kokuqala ngikuzwile impela, kodwa okubi kakhulu nakhu engikuzwa kamuva nje ukuthi kanti uMhlangana usenhliziyombi ongangoba angachitha igazi lakho. Ngisho ngoba kangihlupheki nakancane ukuthi lowo muntu obephethe umcibisholo ubengumuntu wakhe uMhlangana eqonde ukukugodusa. Hawu, mntakaSenzangakhona, uphose wafa isibili. Kodwa izinceku zakho beziphi? Awumemezanga ngani izinceku ngokushesha sibulawe iselelesi? Dingane: Hawu, wena weZulu, kakukho engingakwenzanga. Unele wageja nje ngomcibisholo ngezwakala ngengila ngathi: ‘Ziphi izinceku zami? Nakhu ngibulawa ngicitshwa ngemicibisholo phakathi kwamabili!' Hawu, wena weZulu,isigelekeqe sagelekeqeka saye sasithela emaweni ezansi. Bathe abantu beqoqana ngase ngikhuluma ngedwa okohlanya. Kwafumaniseka ukuthi noma ngiyathetha, wena weZulu, ukuthi kanti balibala ubuthongo mina ngibulawa ngabantu, banxephezisa kakhulu bathi bebefunyaniswe isiqhwaga ubuthongo phela. Bathi ekuseni kokusa, wena weZulu, siza ngamandla; nami ngakhathala, ngabona ukuthi baqinisile abantu bakaBaba. Mkabayi: Lezi zinceku zakho ezinjani uma uzohlaselwa izelelesi ebusuku zilele zona? Ngathukuthela kakhulu manje, Dingane. Kuthi angijube ibutho lizihlanganisele zibulawe zonke khona manje. Dingane: Hawu, wena kajama, wena kaSenzangakhona, noma kulusica kimi ukusika elilengayo kodwa sengathi sizozinyundela kubantu uma sizochitha igazi futhi njengoweZulu ongasekho. Mkabayi: Ngiyakubona lokho, Dingane, ngenziwa ukuthukuthela. Kulungile, Dingane, ngikuzwile ongitshele khona, ngisazoke ngaluke amasu ami okukwephula kulo mlilo. Wena ngifuna ubuyele eSiphezi khona manje nje ngoba kangithandi ukuba kwande izindaba zokuthi singqumuza ngasese sinawe. Dingane: Ngiyawabonga kakhulu lawo magama wena weZulu. Ungangilahli, Ndabezitha, ngingumntwana wakho ungangilahli ...

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liphume

147 16 UKUFA KUKAMHLANGANA

A b a d la li:

Umxoxi Dingane Mhlangana Zacaca Mpontshela Mkabayi

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo Ibika - liphume

Umxoxi: Imilando YakwaZulu. Izinto kwaZulu ngalezi zinsuku sezigijime zasubatha ngelikhulu ijubane. UMkabayi kajama usebize umhlangano wabantwana beNkosi oDingane noMhlangana ngoba bayazondana futhi banele babonane nje ngamehlo kusuke esamathambo isidumo. Lapho ebalamula abantwana uMkabayi kajama wababambisa udonga lokuthi mawuhlakazeke umhlangano ukuze ayokweluka isu lokubalamula abantwana bomfowabo. Kusihlwa ngalona lelo langa uZacaca wahlala nomngane wakhe omkhulu uMhlangana baxoxa. Imisindo yasebusuku Mhlangana: Qha, Zacaca, mngane wami wezikhumba, akukho lutho. Ndoda, kade sahlala nawe. Ngithe mangikubizele lapha phandle ukuze singqumuze izindaba ezithinta thina sinawe njengoba silapha nje. Zacaca: Hawu, mntakaSenzangakhona ngiyathanda ukubonga kuwe kulokhu kukhombisa ukungethemba ngalolu hlobo. Ume njalo mntakajama, ukhule uze uphuze nobisi Iwabantwana bakho. Yebo, wena weZulu, sengilindele kuphela ukuba ungitshele lokho othanda ukungitshela khona, Ndabezitha. Mhl angana: Ngicela ukuba ungibhekise le nkinga engivelele njengoba silapha nje, Zacaca. UMkabayi kajama njengoba esibizile nje safika lapha, usihlanganisile noDingane umfowethu, kwafumaniseka ukuthi ubutha phakathi kwethu sebukhule badlondlobala kakhulu. Manje kuthe lapho kuthi masithathane sibambane ngezandla nomfowethu, uMkabayi wakhuza wababaza. Zacaca: Hawu, Ndabezitha, kuyangidabukisa ukuzwa ukuthi kanti ukungezwani

148 phakathi kwakho nomfowenu kusalokhu kuphokophelele phambili. Bengithi mina uMkabayi kajama uzomchazela uDingane ukuba alalise umhlwenga ngoba iningi labantu lilindele wena, Mhlangana kaSenzangakhona, ukuba yiNkosi yakwaZulu. Mhl angana: Okuyikhona ngikubizele khona, Zacaca, ukuthi nje ungibukise into eshiwo nguye uMkabayi kajama engangigculisi kahle. UMkabayi kajama uthi kusasa siyovuka sinoDingane siye kogeza, kodwa singaphekezelwa zinceku zethu, sibhekwe zinceku zakhe kuphela. Manje ngithi akungibukise lokho, Zacaca, ukuthi ngabe kakukho ngozi yini lapho na? Zacaca: Noma nini, wena weZulu, ukuthola into efihliwe kakulula nempela. Kodwa sengathithi wenzela uMkabayi kajama ukuba kungasuki sidumo emfuleni nxa nigeza ngoba mina uma ngibuka ubona ukuthi ngase nilwe nezinceku zenu zilwe emfuleni, wena weZulu. Futhi-ke uMkabayi kajama ngiyamethemba noma engumuntu wesifazane nje. Hawu, kodwa, mntakaSenzangakhona, ukuba usuke nami eSiphezi kanti kuzothi singafika lapha ubuye unyamalale emehlweni ami na! Ngizwa kushisa amehlo isibili ngoba angazi ukuthi le ndaba yenu izothi iphetha kube sekunjani, wena weZulu. Mhlangana: Qha, kasiyeke wena weqhawe ngoba ngiyezwa nakhu usukhuluma ngezwi lokukhala okukhomba ukuthi kawuphathekile kahle ngalolu hambo Iwethu lokuyogeza ekuseni sinoDingane. Kodwa nje uma kanti kukhona abaqonde ukukwenza kuyodinga bacabange kakhulu ngoba ngiyobacekela phansi ucaca ngejozi ... Umxoxi: Noma kunjani kodwa kuthi nxa exoxa la madoda amabili kufumaniseke ukuthi anuka santungwana isibili. UZacaca yena wakhuluma waze wahlengezela izinyembezi kwasengathithi kukhona igazi elimtshela khona. Naye uMhlangana noma kwakungumuntu owayenesibindi kodwa namhlanje wezwa eshaywe uvalo oluncane ukuze ameme uZacaca nje ukuba ambonise ngale nkinga. Nokho baphethe ngokuvumelana ukuthi uzoya kogeza nezinduna zikaMkabayi kusasa. Kanti uMkabayi kajama ngasese ukhuluma noMpontshela induna yakhe nenceku yakhe enkulu ayethembile. Imisindo yasebusuku Mkabayi: (Ukhulumela phansi) Uyabona lapha, Mpontshela, ubizwe yimi. Ngikubize nje ngoba ngikwethemba kakhulu phakathi kwabo bonke abantu bakababa. Izindlebe zakho zizozwa isifuba esijule kakhulu. Izindlebe zakho, Mpontshela, zizozwa udaba olukhulu olungabonaze lubonwe ngumuntu ohamba ngezinyawo ezimbili kulo mhlaba kajama abuye adle amabele anhlamvana. Kusukela nje ngifuna ulalelisise engizokusho kuwe. Ngifuna uvule izindlebe kodwa uvale umlomo wakho. Uma uke wakhuluma ngalokhu kunoma ubani uze wazi ukuthi uyobe uzigwaze ngowakho umkhonto. Ungakhohlwa-ke, uzenzile

149 kakhalelwa kodwa kukhalelwa uzumekile. Angithi uyezwa kahle, Mpontshela, ukuthi ngithini kuwe na? Mpo ntshela: Ndabezitha, wena kaPhunga, wena kaMageba! Izwa kahle kakhulu inja yakho, wena weZulu. Konke okushilo ngizokugcina njengentando yakho wena mlomo ongathethi manga. Mkabayi: Thula-ke manje mfokazana, kukhuluma mina manje. Ngifuna uthathe izinceku zami ezimbili, zibe ntathu ngawe. Kusasa ekuseni abantwana, uMhlangana, noDingane baya kogeza. Bayophekezelwa yini nobathathu nalawo madoda ozowakhetha. Ngifuna kuqala nje khona ebusuku nje nibophe ifindo nina nalezo nceku lokuthi makuthi nxa sekulaphaya emfuleni abantwana begeza, nibambe uMhlangana engazelele nimcindezele phansi esizibeni aminze afe. Angalokothi uMhlangana abuye emfuleni lapho: uyezwa Mpontshela? Mpo ntshela: Hawu, wena weZulu, yebo khona angilutho ngiyinja yakho, kungumthetho ukuba ngifeze intando yakho kodwa, isenzo esijule kangaka singenzeka kanjani endlunkulu kaZulu ngoba phela sisesula izinyembezi ngokukhothama koweZulu na? Mkabayi: Uyabona, Mpontshela, kakusiyo inqubo engiqhuba ngayo ukuxoxa izindaba zakomkhulu nezinja. Kodwa-ke ngoba nakhu uthe uyinja wazidela amathambo wabuza ngizokukhanyisela, Mpontshela. Uyabona, Mpontshela, udaba olusematheni ukuthi abantwana laba oDingane noMhlangana babanga isikhundla sobukhosi lobu obushiywe ngoweZulu. Manje sengibona ingozi yokuthi hleze balwe, kulwe nabantu bakaBaba. Ukugodusa omunye wabo yilona khambi engilibonayo, kalikho elinye. Kangikuxoxeli-ke ukuba ungiphikise ungiphendule, ngixoxa nje ngoba nakhu usubuzile. Nenze lokho-ke enginitshele khona, ningalokothi niphazame. Mpontshela: Ndabezitha, wena weZulu, ngiyabonga kakhulu ukuba ungithi phohlophohlo izihloko ezindabeni ezinkulu kangaka ngingelutho. Konke okushilo kuzoya njengokuthanda kwakho wena weZulu. Ume njalo. Umxoxi: UMkabayi waba nemihlangano eminingi ngaleli langa ebusuku. Njengoba sishilo abantwana oDingane noMhlangana babelele bobabili enxulumeni laseMbelebeleni kwathi phakathi kwamabili eseqedile ukuxoxa nezinceku zakhe wathumela ngokushesha kuDingane kaSenzangakhona ukuba eze kuye. Nempela uDingane wavuka waphaphatheka ecabanga ukuthi ngabe kusuke impi yini, uMhlangana usesuse isidumo yini lapha enxulumeni laseMbelebeleni na. Qha, wafika kahle kuMkabayi kajama baxoxa. Imisindo yasebusuku. Dingane: Hawu, wena weZulu, nami lapha ngithe ngisathathwe sihlwathi ngezwa sekufika inceku yakho ithi make ngithi gqi kuwe wena weZulu. Ngike ngashaywa

150 uvalo ngicabanga ukuthi sekusuke isidumo yini. Mkabayi: Hhayi, Dingane, mntakaSenzangakhona, ubizwe yimi. Ungethuki neze, mntanomfowethu, ngoba kakukho nempela okungadla abantwana lapha eMbelebeleni. NoMhlangana lowo omesabayo angeke avusa mhlwenga lapha ngoba izinsizwa lapha zingamnephulela phezulu. Dingane: Hawu, wena weZulu, siyazi ngoba phela uMhlangana nxa esexoxa impi usuke avukwe ngamadlingozi ngishaywe uvalo kube sengathithi unomlingo wokulwa impi. Mkabayi: Kasazi, mntanomfowethu, ngoba la kufika khona umlomo kakufiki lutho. Mhlawumbe uMhlangana lowo angawenza umlingo wakhe eSiphezi, hhayi lapha eMbelebeleni. Kodwa mina ngibona enesabisa ngenyoka engekho, efile nje, angazi noma ngibona kahle yini. UMhlangana unishayela ihawu nje kuphela ngoba angiboni mlingo angawenza. Masiziyeke lezo zempi, mntakaSenzangakhona. Ake singene kwezethu zesifuba. Dingane, lalela-ke manje, uthule emlonyeni ungatsheli muntu esizokuxoxa nawe manje. Okokuqala nje, Dingane, unaso isibindi? Dingane: Hawu, Ndabezitha, wena weZulu, angazi ukuthi ngizokuphendula ngithini nxa ungibuza lowo mbuzo wena weZulu. Ngesani ngoba, Ndabezitha, noma nginaso isibindi kodwa isibindi sokuchitha igazi kanginaso, wena weZulu? Angazi-ke ukuthi ukhuluma ngasiphi isibindi ngoba phela ubungakangivezeli okuqondile. Mkabayi: Uyabona, Dingane, mntanomfowethu, noma ungenaso isibindi namhlanje udinga ube naso isibindi. Uyakhumbula ngikutshela ukuthi ngizokweluka isu lokunilamula nomfowenu uMhlangana. Namhlanje-ke ngizoleneka phambi kwakho lelo su Dingane. Lalela-ke Dingane, alikho elinye isu lokunilamula Dingane ngaphandle kokubulala uMhlangana kuphela. Dingane: (Ethuke ome athi khohlo uDingane) Hawu, Ndabezitha, wangibulala ngovalo. Kodwa into enjalo ingenzeka kanjani wena weZulu? UMhlangana ngumfowethu, wena weZulu, angeke ngakwazi ukuba athi nxa efa wena weZulu afe ngoba kusho mina ukuthi makabulawe. Futhi, Ndabezitha, ngingambulala kanjani uMhlangana lokhu uwuhlanya, ufuze uShaka, angangibulala, wena w eZulu? Mkabayi: Uthini nxa ukhuluma kanjalo, Dingane? Wesaba ukuba kubulawe isitha sakho esikhulu kangaka, uMhlangana! Kanti kawuhlakaniphile yini wena, Dingane? Ucabanga ukuthi uma lapha uMhlangana engathola ithuba lokukubulala yena angakuyeka yini? Wenzani lo mfana webantu? Kanti wena Dingane ucabanga ukuthi igazi leli eligijima emithanjeni yakho ngamanzi yini? Ufuna silokhu siviyoza thina sinawe uMhlangana aze agadle asibulale kuleli zwe? Kanti kawubufuni yini

151 ubukhosi lobu obushiywe ngoweZulu? Kulungile-ke, Dingane, silima ndini. Angikuniki lutho silima ndini, nango uMhlangana eza kuwe nejozi. Dingane: Hawu, wena weZulu, kade ngangizikhalela kuwe ngithi ungangilahli, wena weZulu. Hawu, ngenziwa uvalo Ndabezitha. Ngiyothi webani asabelephi nxa ngithi lapho sengimbulele umfowethu uMhlangana, abaphansi bangifulathele ngihlupheke ngiziphathe ngomlomo impilo yami yonke kuze kufike isikhathi sokuba ngiye kobabamkhulu na? Hhayi, angisho lutho, wena weZulu, nami ngisho engikubonayo; ungathukutheli. Mkabayi: Ngiyazi ukuthi kulukhuni, Dingane, lokhu engikukhulumayo. Iqiniso nje, Dingane, ukuthi kwesinye isikhathi umuntu kuye kudingeke ukuba enze into enzima eyesabekayo kulo mhlaba ukuze izinto zilunge zihambe ngendlela yazo. Zolo lokhu nihlangene kwaba nguwe kwaba nguMhlangana noMbopha kaSithayi nagudluza uShaka ongasekho ngoba bese kukhona isidingo, kubonakala ukuthi uchitha igazi kakhulu phakathi kwabantu bakababa. Pho manje kwathi sekuvele enye ingozi engase ichithe igazi phakathi kwabantu bakababa waviyoza ukubani iphetshezwe na? Angazi ukuthi ubuka ngamaphi amehlo, Dingane. Uma uMhlangana engagudluzwa kuzofa abantu abaningi lapha kwaZulu, okukanye uzokubulala wena uqobo. Sengikukhanyisele, Dingane, angazi-ke ukuthi uthini w ena. Dingane: Ndabezitha! Wena weZulu! Sengikuzwile wena kajama, wena kaPhunga, wena kaMageba. Kade ngazibika kuwe ukuthi mina angazi lutho ngezindaba lezi zezwe eziqavile, wena weZulu. Ngasho ngathi mina ngethembe wena ukuba ukhombe umgudu engizohamba kuwo ungihole ngemfanelo. Ngisaphinda futhi, wena weZulu, ukuthi ungasheshi ukucasuka nxa ungizwa ngiphenyaphenya ngobuwula bami, wena weZulu. Ngisuke ngenziwa ukungazi nokushaywa uvalo kokunye, Ndabezitha ngidinga wena owazi konke ukuba ungiqinise ngibe nesibindi, wena weZulu. Ngalawo magama ngithi ngenkulu intobeko ngicela ukuba ukhulume uchushe lapho uqonde ukuchusha khona Ndabezitha. Mkabayi: Hhayi, hhiya, ungashaywa uvalo, mntanomfowethu, Dingane. Ngimdala uma ngingaka. Ingozi ngiyibona isaqala nje ukuthi kuzophetha kuyingozi. Ngiyazi nina bakaSenzangakhona kanithandi neze ukuchitha igazi lalabo enizalana nabo. Kodwa izikhathi kazifani. Dingane: Ndabezitha, wena omehlo kabhekeki kuhle kwemisebe yelanga, wena weZulu. Manje, Ndabezitha, njengoba ubona ukuthi uMhlangana udinga agoduswe uzogoduswa kanjani Ndabezitha na? Uzobulawa yimi yini, Ndabezitha? Mkabayi: Kuzohamba kanje Dingane. Njengoba ngishilo kuMpontshela, kusasa 152 ekuseni niyovuka nomfowenu uMhlangana nihambe niyogeza emfuleni laphaya ezibukweni. Kodwa lokhu kuhamba kwenu kunomahluko. Angeke nahamba nezinceku zenu, niyohamba nezinceku zami. Izinceku zami ziyoba ntathu, noMpontshela okunguyena ngimethembile uyobe ekhona. Niyothi ningangena emanzini nigeza, izinceku zami lezi zimdumele uMhlangana zimcindezele phansi esizibeni aminze afe. Ngiziyale ngazidonsa ngezindlebe ukuba angalokothi abuye emfuleni uMhlangana. Uma esefile uMhlangana bayomkhiphela ngaphandle komfula. Nonke-ke nibuye njengabantu abavelelwe ingozi sikhale sonke kube ukuphela. Kuzohamba kanjalo-ke Dingane, angithi uzwile? Dingane: Qha, ngizwe kahle kakhulu, Ndabezitha, ukuthi kanti mina ngeke ngamthinta ngezami izandla uMhlangana ngoba unamandla enkunzi yenkomo wena kaNdaba. Mkabayi: Kuyeke lokho Dingane, akunamkhuba manje. Okunye engithanda ukukwazisa khona ukuthi sengimise ukuthi kuyothi nje kungasa kusasa kuphume abantu bagijime wonke umhlaba kababa bemema izihlwele ukuba zibuthane esigcawini lapho ngizokwenza inkatho yokumisa ozothatha isikhundla sikaShaka ongasekho. Nina nezinceku zami niyofika okhalweni esigcawini sinilindile, udaba lapho ngiyoluphethela khona, Dingane. Dingane: Ndabezitha, wena weZulu! Ume njalo wena weNkosi! Mina angazi lutho, ngibheke wena. Sengiyozishaya phansi, wena weZulu, ngilinde usuku olukhulu kusasa, Ndabezitha, ngiyabonga, wena weZulu ... Umxoxi: Hhayi-ke, uDingane kaSenzangakhona ahambe abuyele elawini lakhe. Kuse ngakusasa abantu bawuhlabe bawulawule umkhosi wembizo enkulu lapho iNkosazana yamaZulu, uMkabayi kajama ezomisa khona inkosi yamaZulu ngenkatho emangalisayo ejulile yabaphansi. Abantwana bahambe nezinceku zikaMkabayi belu ukuyogeza. Kwathi la liphuma ilanga abantu base bengangotshani okhalweni esigcawini phela. Umsindo wabantu abaningi Mpontshela: Hawu, wena weZulu, sifile, Nkosazana yamaZulu, kasazi ukuthi udaba olunjengalolu sizoluthatha kuphi silubeke kuphi phambi kwakho nxa siluxoxa wena weZulu. Mkabayi: Mamoshane, imihlola kajama yini? Nifile nifile nibulawa yini? Nathi nikhuluma nathi nifile, Mpontshela? Ngibuza kuwe ukuthi kwenzenjani wafika noDingane yedwana, uphi uMhlangana umntanomfowethu eniphume naye noDingane nabaphekezela ukuba bayogeza ekuseni? Mpontshela: Ndabezitha - wena weZulu - si-si-sithe sithi sibhekile laxhoshwa libhekile sezwa uDingane kaSenzangakhona ememeza ethi ‘Nangu umfowethu erminza’, saziphonsa sonke phakathi esizibeni, Ndabezitha. Sithe sithi siyamtakula

153 uMhlangana samfumanisa esebanda, wena weZulu. Esithi-ke kasekho uMhlangana kaSenzangakhona, useye kokhokho bakhe. Sikhuluma nje udindilizile oweZulu emhlangeni emfuleni. Umsindo wabantu kunyakaza izikhali Mkabayi: Imihlola kaPhunga, imihlola kaMageba yini? Ngobani laba abanyakazisa izikhali phambi kwami? Ngiyabuza! Niyayiqabuka yini ingozi? Mamoshane! Hawu, bantu bakaBaba, kasekho uMhlangana emhlabeni, uminze emfuleni khona ekuseni nje. Abaphansi basamukile inkatho yethu yokubeka iNkosi yakwaZulu, bazenzela eyabo. Ngakho-ke inkatho idla osele, uDingane. Dingane, nampa abantu bakaBaba babuse kusukela namuhla ubaphathe kahle ... Abantu: Bayethe!

Ibika Umsakazi - umemezela ngomdlalo nabadlali Ibika - liphume

154