10 Iphupho Lenkosi

10 Iphupho Lenkosi

10 IPHUPHO LENKOSI A b a d la li: Umxoxi Shaka UNandi Mdlaka Nzobo Sozabile Nomkhosi Ibika Umsakazi - umemezeta ngomdlalo Ibika - liphume Umxoxi: Ngalezi zinsuku isizwe sakwaZulu sabe sesiphumile ekuzileleni iNdlovukazi uNandi, okaNjomane. Abantu babephuma osizini lokuzila olwesabekayo. Baze bakhishwa nguGala kaNodade kaBiyela owazidela amathambo wayokweluleka iNkosi uShaka ukuthi mayiginye itshe ngoba abantu nxa beta bephela wukuzila uyobusa baphi na? Phakathi kombuso owabuya abantu badla ngoludala, izintombi nezinsizwa nazo zaqala ukukhululeka njengale nsizwa ehlolile nentombi yayo. Umfula uyahuba:kukhala izinyoni zasendle Sozabile: Hawu, Nomkhosi, mntakwethu, kwaze kwaphola lapha ngaphansi kwale mithi osebeni lomfula uMkhuze. Kukhala nezinyoni kwasengathithi zishaya ihlombe ngalokhu kukhala kwazo, elisho ukuthi halala, kuhlangene izihlangani. N omkhosi: Hawu, mntakwethu, futhi mina beje ngilahle ithemba lokuthi ngisayophinda ngikubone ngeso emhlabeni phansi komthunzi welanga. Hawu, Mnguni wami! Unele wangitshela nje uNtombilezi, udadewethu omncane, ukuthi nakhu wedlula ngezansi komuzi wakithi, uqonda ngapha ngasemfuleni ngathi galo yephuka, ngachitha amanzi kwasengathithi ngizokha, amanzi aphelile ezimbizeni ekhaya kanti ngithi mangizokubona, Mnguni wami, ngingasakwazi. Sozabile: Ngiyawabonga kakhulu lawo magama akho, mntakwethu, ngoba kimi anambitheka njengoju Iwezinyosi zehlanze. Nami bese ngithalaza nje ngingazi nanokuthi uyaphila nanokuthi awuzukubulawa yini yindlala yokuzilela iNdlovukazi. 100 Nanokuthi siyabonana namuhla sibonga uGala kaNodade okunguyena osilamulele kulolu sizi lokuzila. Nokho-ke selidume ladlula. Kodwa kawusho, usangiphilela nje, mntakwethu? N omkhosi: Hawu, uyangibuza khona ukungibuza, Mnguni wami? Kuzisho khona. Ngikuphilela ngokuphelele kusuka phansi ozwanini lonyawo Iwami kuze kuyofika phezulu okhakhayini ekhanda lami. Ngingowakho njalo nje. Sozabile: Awu, awu mntakwethu, wakhuluma kamnandi kangaka! Lunjani uthotho Iwamazinyo engikwazi uhleka ngawo, hi? N omkhosi: Musa ukungikitaza, Mnguni wami .... Bahleke bobabili bedlala Kukhala izinkomo nezinja zikhonkotha Shaka: (Uyakhwehlela bayamthuthukisa) Mdlaka: Baba, Sibagojela ngale kwezintaba kanti kunjalo nje ludia amadoda! Ndabezitha, Nkosi yohlanga! N zobo: Yebo, Baba, Nkosi enkulu kaZulu. Sizwe sishayeka, Nkosi, nxashana uhlezi wedwana lapha ngaphansi komuthi. Sithi Ndabezitha lokhu selidume ladlula, Nkosi, ngabe iNkosi yami ikhathazwa yini emoyeni na? Shaka: Yebo, zikhulu zami zezwe lakwaZulu. Ningamadoda emadodeni ngoba kanifuni kuthi shalu phambi kwenu utho ningaluboni ukuthi lutho luni. Hawu, lapha zikhulu zamaZulu ngiyacabanga. Kukhona okungivelele lapha. Mdlaka: Hawu, Nkosi yohlanga, ngabe yini? Kwenzenjani lokhu phela, Nkosi, konke okuthinta wena, Nkosi, kuthinta thina sonke sizwe samaZulu? N zobo: Kunjalo Ndabezitha. Thina kasifuni nokuba uhlalwe yimpukane lena engasho lutho. Kazi ngabe yini, Nkosi! Shaka: Zinduna zami, ngiphuphe iphupho elingimangalisayo lapha. Namanje nje ngisadinga nje ukuthi ngabe leli phupho elinjena lichaza ukuthini. Ngiphuphe ngibona iNdlovukazi, okaNjomane Iona osanda kukhothama. Bekusebusuku ... Imisindo yasebusuku Shaka: Hawu, Marne, uqhamukaphi? Ngizawuthini kodwa? Marne abantu bonke sebekhale kwaze koma izinyembezi - hawu Marne! Nandi: Shaka, mntanami, ngibonile usizi oselwehlele abantu ngenxa yokukhothama kwami. Nami umoya wami ubuhlungu kakhulu. Shaka: Wakhuluma ngokuthi ukhotheme? Kanti wena ungubani manje? Angithi ungokaNjomane. Nandi: Yebo Shaka, mntanami; nginguye okaNjomane unyoko. Kepha ngithe mangivele kuwe ngoba ngenxa yosizi Iwabantu bezila befa bengikhalela, nakimi inhliziyo yami isilusizi. Shaka: Hawu, wena kaNjomane, ngizwa ngingumuntu ogulayo ngenxa 101 yobulukhuni obukhulu engihlangabezane nabo ngesikhathi sokudlula kwakho emhlabeni. Angazi ukuthi ngabe ngenzeni ngoba nxa ngikubuka ngibona ukuthi amehlo akho avutha umlilo wolaka kimina. Nandi: Kwenza ngoba unembeza wakho ulwa nawe Shaka, mntanami. Umuntu ephila edla amabele uyamgodusa aye kwagoqanyawo ngeziphosiso ezincane. Ngilinganise, umuntu angeke yini adliwa zinyoni zezulu ngoba nje ahluleke ukukhasa phansi kwakho kuhle kwenja ekhaciwe na? Hawu, Shaka, kawuboni ngani ukuthi kamuva nje usunyamana mbama kwabanye abantu bakho. Ngiyazi mina ukuthi kwake kwaba khona isikhathi esedlule lapho wawungumuntu omkhulu phakathi kwesizwe sakho samaZulu. Manje abantu abaningi sebethanda ukukudumisa ngonya, kanti kawuboni yini wena? Bona abafowenu uthi basakuthanda nje njengakuqala lapho babehlatshwa umxhwele ubuqhawe bakho? Angisakholwa, mntanami. Shaka: Yebo, wena kaNjomane, ngiyakuzwa. Kepha ukukhala kwezinkomo kakufani, Marne. Abantu abangenavalo angeke baba ngabantu abathobele umthetho wezwe kahle. Ukujezisela amaphutha amancane kakhulu kudala ukuba besabe ukwenza amaphutha ngisho namakhulu, Marne. Ukuhlale besaba besovalweni kudala ukuba bangawenzi mpelampela amaphutha ngoba uma bezohlala nje bengazi nanyaka bangazenzela ngokuthanda. Siyeza isikhathi lapho beyobumbana kuhle kwegade lebumba babe yisizwe esihloniphekile. Futhi-ke amaZulu isizwe esiqukethe izizwe ezahlukeneyo okungathi uma umholi engaqini siqhube ngamasiko ehlukene, ubunye bungabi bikho. N andi: Isandla sakho sizokhula mntanami, Shaka, siqine kubantu, bakuzonde ube yisitha phakathi kwabo uma uqhuba ngale ndlela. Uyobona ukuthi esikhathini esifushane esizayo abantu sebekuzondisa okwenyoka, uyodinga ukuhamba nezinceku zakho zihlomile impikanamalanga ukuze kuvikeleke umphefumulo wakho. Kuyoba kuhle yini lokho na? Shaka: Hawu, Marne, ukhuluma iphutha. Mina angeke ngidinge ukulo ngaluswa ngamanye amadoda ngalolo hlobo engathithi mina kanginamandla okuzivikela ezitheni zami. Futhi-ke, Marne, ngiyaneliswa ukuthi abaphansi basolokhu bengibhekile njengethole labo. Ngisho umuntu angacabanga okubi ngami, mhlayimbeni azidele amathambo athi uzongigila umkhutshana wakhe ongayi ngandlela, kusuke kwenzeke izimangaliso. Kujike kungene amanzi emadolweni kuye ashaywe uvalo agongobale, uyazibona usegaqa phansi phambi kwami, usekhonza ekhuleka engidumisa. Ujike abe yize leze nomcabango wakhe ukhoshobaliswe uvalo oludalwa yisithunzi abaphansi abanginika sona phezu kwezwe lami. Abantu bami bamaZulu kayikho enye into abayaziyo ngaphandle kwami. Bangazi ngiwubhaqa phambi kwabo abadinga ukululandela bazi iNkosi 102 yabo, mina Shaka kuphela ngisho naphansi ezinzulwini ezingaziwa muntu zomhlaba, ngisho naphezulu ekusithekeni kwamafu, bazi uShaka kuphela, Mame. N andi: Ukukhuluma kwakho nokubuka kwakho, Shaka, kuyangimangalisa futhi kangazi kanti, mntanami, ukuthi ubuye ubuyele phansi ucabangise okwengane yini. Zolo lokhu uBaba uMbiya wathi eseyalela eya kwagoqanyawo wakuyala wakudonsa ngezindlebe ukubani ugawule ubheka ngoba amandla okubusa phezu kwabantu ayadaka, afana notshwala bamaganu. Uma usuphatha abantu bakaPhunga noMageba ngesandla esinendluzula uthi uBaba uMbiya lapho ebuka khona ngesikhadlana ongasazi, uthini? Shaka: Kwawena Mame, uzokhumbula ukuthi mina kayikho into engake ngayenza nje ngizenzela ngaphandle kwesizathu. Ngiyindoda enamehlo abukhali athi nxashana ebuka abuke kude. Ngithi nxa ngiphumela phandle ngithi ‘Hawu zandiza izinyoni zezulu amanqe, izinyoni zeNkosi yamaZulu uShaka, zifile yindlala' kusuke kungakhulumi mina ngomlomo nezindebe kuphela okusuke kunyakaza, okuyikhona kuyikhona kusuke kukhuluma abaphansi amadlozi, enziwa yini na? Asuke enziwa ukubona laba abalele izibatha zikaxamu, belalele umnethezeko wesizwe samaZulu. Uma izanusi zami nezinyanya sezibanuke zabanekela ilanga babonwa yinoma ubani, ngiyabajezisa, kuthi nababukayo phakathi kwesizwe sami samaZulu bangenwe yingebhe bangathandi bona ukuba benze isono nephutha elingase lidale ukuba babe ngukudla kwezinyoni zeZulu. Nandi: Hawu, yeka imiyalo kaBaba uMbiya kuwe, Shaka, mntanami! UBaba uMbiya wakuyala wathi ubogawula ubheka nxa sekufike isikhathi lapho uyinkunzi wedwana esibayeni esikhulu sombuso wakwaZulu. Wathi ngoba uma ungaqapheli umbuso uyokubhensisa, izwe likuzonde ube yisitha salo esikhundleni sokuba yiNkosi yalo. Ngisho ngoba uma izwe lizobuswa yizangoma nezinyanga zezwe uzophetha ngokubulala abantu bakho abakholekile kuwe. Igama lakho lizothunazeka nasezizweni ezibukayo, Shaka, mfana wami. Shaka: Nokho-ke, wena kaNjomane, ngibonga ukungihambela kwakho. Nandi: Ungaqale ubonge, mfana wami, Shaka. Engathi wena nxa ngikuhambela ngizokubonisa engikubukayo ngamehlo omoya kepha wena uqinise intamo. Engathi ngikhuluma nje kukhona abafowenu oDingane noMhlangana, uthi nxa bebuka abantu beya ngokuya bekuzonda bazofikelwa yini emicabangweni yabo? Shaka: Wena kaNjomane, wakhuluma amagama ahlabayo kimina. Kanti ngenzeni? Ngihole phela wena kaNjomane wena obuka konke kubonakale njengoba kunjalo. Abakababa kanti bona bangase bangenzenjani wena kaNjomane? Nandi: Thula, Shaka, mntanami, ngiqede. Ngithe kodwa uyabona ukuthi bazofikelwa micabango mini nxa abantu bakho beya ngokuya bekuzonda na? Bazofikelwa imicabango yokuthi sekuyisikhathi sokuba bahlwithe umbuso 103 ezandleni zakho. Ziningi-ke izindlela zokuhlwitha umbuso enkosini ebusayo. Shaka: Hawu, wena kaNjomane, usuthini manje? Ukhuluma ngokuba enye insizwa ingamuke ithambo? Ngiyisimaku yona ilichalaha! Singake sibambe imikhonto siphumele eshashalazini kubonakale ukuthi ukhona yini umuntu ohamba ngezinyawo ezimbili kuleli ongaba yichalaha mina ngibe yisimaku ngamukwe ithambo lombuso wami ngalolu hlobo. Nandi: Yehheni we bantu, nango uShaka ekhulumisa okwengane encane ebhibha amathe. Kanti uyoze uphumele naye eshashalazini kanti uyokuphonsela inselelo yini? Kawuyazi yini inyoka

View Full Text

Details

  • File Type
    pdf
  • Upload Time
    -
  • Content Languages
    English
  • Upload User
    Anonymous/Not logged-in
  • File Pages
    55 Page
  • File Size
    -

Download

Channel Download Status
Express Download Enable

Copyright

We respect the copyrights and intellectual property rights of all users. All uploaded documents are either original works of the uploader or authorized works of the rightful owners.

  • Not to be reproduced or distributed without explicit permission.
  • Not used for commercial purposes outside of approved use cases.
  • Not used to infringe on the rights of the original creators.
  • If you believe any content infringes your copyright, please contact us immediately.

Support

For help with questions, suggestions, or problems, please contact us